ISharks izobhekana nowayeyiqeqesha kowamanqamu weCurrie Cup

Mthokozisi Mncuseni

ICell C Sharks inyomfe zonke izinhlelo ebezikhona zokuvalelisa iNewlands Stadium kwazise iDHL Western Province ibidlala okokugcina ngci kule nkundla yayo enomlando omude embhoxweni waseNingizimu Afrika.

ISharks ikwenze lokhu ngokunqoba umdlalo owandulela owamanqamu weCarling Currie Cup ngo 19-9 ngoMgqibelo.

Kulo mdlalo bekuthishwe iProvince ukuthi iwunqobe kwazise iSharks ize kuwona isuka ezinkingeni eziningi zeCovid-19.

Ngaphandle kwalokhu isikimu seProvince singatatazelisa nanoma yiliphi iqembu elikhona kwazise kuboshelwe AmaBhokobhoko kusuka emuva kuya phambili kanti iholwa uSiya Kolisi.

Ngaphezulu kwalokhu lo mdlalo bekufanele kuvaleliswe ngawo iNewlands engeke isaqhubeka nokusetshenziswa yileli qembu eselizoya eCape Town Stadium.

Ngalokhu kunqoba iSharks izibekisele indawo kowamanqamu neVodacom Bulls ePitoli ngempelasonto.

IBulls izibeke ebuhleni ngokutibula ngo 26-21 kwiXerox Lions komunye owandulela owamanqamu obuseLoftus Versveld Stadium.

Kulo mdlalo iSharks izobe ibhekene nomqeqeshi wayo omdala uJake White ofike kwiBulls kumnyama waguqula zinto wayiphendula isikhondlakhondla okuyinto ebelaziwa ngayo leli qembu lasePitoli.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.