UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter
Umdlalo weCarling Currie Cup phakathi kweCell C Sharks neDHL Western Province, ubaluleke kakhulu kuleli qembu laseKapa.
ISharks isineqiniseko sokuthi izodlala kweyandulela owamanqamu njengoba lingekho iqembu elingayisusa endaweni yesibili ehleli kuyona.
Okudingwa yiSharks kulo mdlalo ukuthi iqede imidlalo yamaphuzu ngegiya eliphezulu ukuze ifike emdlalweni olandelayo ishayela phezulu.
Ngakolunye uhlangothi iWestern Province kumele iwine nakanjani ukuze iqinisekise ukuthi ayisali ngaphandle emaqenjini amane azodlala kweyandulela owamanqamu.
Leli qembu laseKapa lisendaweni yesihlanu kwilogi yeCurrie Cup. Phezulu eqhulwini kuhleli iVodacom Bulls eshiya iSharks ngamaphuzu amane.
IBulls izobhekana neToyota Cheetahs ebibukeka ithembisa emidlalweni yayo kodwa ihluleke ukuqoqa amaphuzu.
Komunye umdlalo obhekwe ngabomvu kuzotholana phezulu iTafel Lager Griquas neNew Nation Pumas. IGriquas isendaweni yesithathu kanti iPumas izoya kulo mdlalo isendaweni yesine.
Womabili la maqembu kuzomele alwele ukuwina ngoba akwaziwa ukuthi iWestern Province izodlala kanjani neSharks eJonsson Kings Park, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku.
FUNDA NALA: URonaldo usebuyele ekhaya kwiManchester United
Umqeqeshi weSharks, uSean Everitt, wenze izinguquko ezimbalwa eqenjini lakhe. Ufake uNtuthuko Mchunu, Kerron van Vuuren, noKhutha Mchunu, ezindaweni zikaKhwezi Mona, Dan Jooster noLourens Adriaanse.
USanele Nohamba uzongena endaweni kaGrant Williams obizwe ekhempini yamaBhokobhoko. UMurray Korster noWerner Kok bazongena endaweni kaMauris Lauw noJeremy Ward.
UCurwin Bosch uzongena endaweni ka-Anthony Volmink kunombolo 15.