ISharks neBulls bazidlela amahlanga kwiRainbow Cup

Abadlali beSharks

SIHLE NDLOVU

ICell C Sharks neBulls kubukeka kuyiwona amaqembu aseNingizimu Afrika anethuba lokukhala emuke nePro 14 Rainbow Cup SA njengoba bengakashaywa kulo mqhudelwano.

ISharks ishaye iLions ngo 34-26 ngempelasonto nokuyenza ihlale esicongweni kwilogi. Ngakolunye uhlangothi iBulls ishaye iStormers ngo 20-16 okuyenza ihlale endaweni yesibili.

Okuhlaluke ngempelasonto ukuthi kunabadlali abenze kahle ngamunye emaqenjini abo ikakhulukazi labo abavamise ukubizwa kumaBhokobhoko. Imidlalo ewuchungechunge ezodlalwa amaBhokobhoko neBritish and Irish Lions isisemome. Njengoba kungacaci noma ikhona yini imidlalo yokungcweka ezodlalwa yiqembu lakuleli ngaphambi kokubhekana neBritish and Irish Lions, kubalulekile ukuthi abadlali benze kahle kwiRainbow Cup.

Ngempelasonto iSharks neBulls bazodlala umdlalo obalulekile ozocacisa ukuthi yiliphi iqembu elizoqeda umzuliswano wokuqala lizihola phambili kwiRainbow Cup SA. Akulula ukusho ukuthi yiliphi iqembu elizowina kulo mdlalo kodwa iBulls ihlale iyingozi uma idlalela ekhaya futhi ibukeka inomgqigqo ongcono uma iqhathaniswa neSharks.

Yize kubukeka kanjalo kodwa uJake White oqeqesha iBulls usashumayela ivangeli lokuthi iqembu lakhe kumele lidlale kangcono uma l izimisele ngokudla umhlanganiso kulo mqhudelwano. UWhite ukhale ngamaphenathi amaningi abawadalayo nathe kumele bakugweme lokhu uma sebedlala neSharks.

“Ngifuna indlela abaziphatha ngayo enkundleni ibe ngcono. Sidale amaphenathi amaningi kakhulu futhi besingekho isidingo,” kusho uWhite.

“Ngesinye isikhathi besizithola sisengxenyeni yabo enkulu kwi-22 kodwa sidale iphenathi. Besithola i-scrum siphinde sidale enye iphenathi futhi amaphuzu abo aqhamuke kumaphenathi amathathu noma amane esibaphe wona.”

Komunye umdlalo ngoMgqibelo kuzobhekana iLions neStormers e-Emirates Airlines Park. Womabili la maqembu asathole isibhaxu emidlalweni yayo emibili yokuqala.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.