ISharks neCheetahs basayinde isivumelwane esingajwayelekile

ISharks neCheetahs basayinde isivumelwane esingajwayelekile
URuan Pienaar
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Amaqembu ebhola lombhoxo, iCell C Sharks neCheetahs, asayine isivumelwano esingajwayelekile ezimbangini ezihlale zigadulisana kwiCurrie Cup.

ISharks neCheetahs basayine isivumelwano sokushintshana ngabadlali nokwesekana ngayo yonke indlela.

Ngokusho kwala maqembu lokhu kuzowahlomulisa ngokomdlalo, okwemali, kanti kuzolisa phambili ibhola lombhoxo eNingizimu Afrika.

Ngokwesivumelwano, iSharks neCheetahs bazokwenza ukuthi abadlali abathile bakwazi ukushintshana ngabo uma kukhona ocela kanjalo phakathi kwabo.

Bazokwenza futhi lokhu uma imiqhudelwano ingagibelani. Njengamanje iSharks seyivele iqinisekisile ukuthi abadlali ababili beCheetahs, uRuan Pienaar, ukaputeni, noTian Meyer bazojoyina iSharks ngokwesivumelwano esifushane.

UMeyer uzoba khona kwiSharks njengoba izoba nohambo lwe-URC, e-Ireland, bese abuyele kwiCheetahs.

Njengoba kukhona abadlali beSharks abasekhempini yamaBhokobhoko, nalabo abalimele, uPienaar uzohlala isikhathi eside kwiSharks nokuyinto ezoyisiza kakhulu e-Europe.

UPienaar uthe ukubheke ngabomvu ukuyodlala kulo mqhudelwano ose-Ireland kodwa iBloemfontein neCheetahs, iyohlale iyikhaya lakhe.

FUNDA NALA: UHlongwane uthi iBafana ibuyise ithemba yize umsebenzi usemningi

Uthe ufuna ukuqedela amasizini amabili ezayo kuleli qembu (Cheetahs). ISharks nayo izokwenza abadlali abathile bakwazi ukuya kwiCheetahs ngokubolekiswa emidlalweni yomhlaba neyeCurrie Cup ezoyidlala ngo-2022.

Lesi sivumelano ngeke sigcine ngokubolekiswa kwabadlali kuphela. Njengoba amaqembu azobe edlala emiqhudelwaneni ehlukile, azosizana nangokwemali.

“Ukuphazamiseka kwebhola lombhoxo yiCovid-19 emhlabeni, kuyaphoqa ukuthi wakhiwe kabusha lo mdlalo omuhle (ibhola lombhoxo).

“Lokhu kudinga icebo elicacile lokugcina abadlali abahle kanjalo nabaqeqeshi. Lesi sivumelwano sizosiza womabili amaqembu,” kuvumelana uHarold Verster no-Eduardo Coetzee, abayizikhulu eziphezulu kwiCheetahs neSharks.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.