ISharks nenselelo yokushaya iCheetahs esefomini kwiCurrie Cup

UJames Venter
Sihle Ndlovu

Ibhekene nomunye umdlalo onzima iCell Ce Sharks njengoba izotholana phezulu neToyota Free State Cheetahs emdlalweni weCurrie Cup, eHollywoodbets Kings Park Stadium, ngoLwesithathu ntambama.

ICheetahs, ezovakashela iSharks, yilona lodwa iqembu elingayazi induku emidlalweni emihlanu yeCurrie Cup, nokuyenza ukuthi iqhwakele kwilogi. Leli qembu lishiya iVodacom Bulls, esendaweni yesibili, ngamaphuzu amabili.

ISharks yona iyibambe endaweni yesithathu kulandela ukushaywa yiBulls ngesonto eledlule. Nokho okwenza ukuthi iCheetahs ibukeke iqinile kwiCurrie Cup, ukuthi ayidlali imiqhudelwano emibili ngesikhathi esisodwa njengoba kwenzeka kwamanye amaqembu aseNingizimu Afrika.

ISharks ingelinye lamaqembu ayibambe kwi-United Rugby Championship (URC), kanjalo neCurrie Cup. Lokhu kuchaza ukuthi iqembu eliqine kunawo wonke leSharks aligxilile emidlalweni yeCurrie Cup.

Ngasohlangothini lweCheetahs izoza kulo mdlalo iyingozi kakhulu njengoba inabadlali abanamava futhi ibophela isikimu esiqine kakhulu. Ukuba khona kukaRuan Pienaar noFrans Steyn, ababedlalela iSharks namaBhokobhoko, kwenza ukuthi liqine kakhulu leli qembu.

Umqeqeshi weSharks, u-Etienne Fyn, akalishintshanga iqembu ebelibhekene neBulls ekuhambeni ngesonto eledlule. Nokho uthe ukunyakazisa abadlali bakhe basemuva, eqalisa labo abangene besuka ebhentshini ngokwedlule.

U-Ethan Fisher uzongena endaweni kaMurray Koster, kanti uJeremy Ward uzovala isikhala sikaMarnus Potgieter. UJordan Chait yena uzongena endaweni ka-Innocent Radebe, kanti ukaputeni kusazoba uJames Venter.

ISharks izozama ukubuyisa umgqigqo eqale ngawo iwina imidlalo emine ilandelana, ekuqaleni komqhudelwano. Umdlalo uqala ngo-5.45 eKings Park Stadium, eThekwini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.