Ishaye udaka iPirates, yanikelela iChippa ngephuzu

Ishaye udaka iPirates, yanikelela iChippa ngephuzu
OkaDonga Gumbi

Lento eyenziwe yi-Orlando Pirates ibambana neChippa United ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ntambama ibizwa ngokushaya udaka.

Phela indlela iPirates ebizishelelela ngayo kulo mdlalo bekumele izidlulele ngehubo nje bese iqinisa amathuba ayo okuqeda endaweni yesibili kule sizini.

Kodwa ke ifane nekati elidlala ngegundwane lingalibulali kodwa ligcine liphunyulile lisale libakaza, lizibuza ukuthi kwenzeke kanjani.

IPirates beyiwuphethe umdlalo wesiwombeni sokuqala futhi ifika iphindelela emapalini eChippa kodwa ihluleke wukuthola iphasi ezodabula udonga lwasemuva.

IChippa bekuthi noma izama kodwa iphelele kude nepali likaRichard Ofori ize igcine ipheqeleke ukuxama ikude kodwa amabhola ayo azivimbele kalula lo nozinti.

Indlela iPirates ebizenzela ngayo bekumele kuyiwe ekhefini sinamagoli okungenani amathathu kodwa lutho.

Abalandeli baze babhala umbhalo becela kubadlali ukuthi noma selingaba linye ke igoli bayalidinga.

FUNDA NALA: Iphinde yagexa umgodi iChiefs ithola induku kwi-Arrows

Esiwombeni sesibili iPirates iqhubekile nokukhempa engxenyeni yeChippa futhi nje u-Ofori ubengaziphumela aziyele ekhaya kungaboni muntu nokuthi uhambile.

Kodwa ke yehlulekile ukukusebenzisa lokho iBucs njengoba amathuba acacile abengavei nhlobo kwaze kwaba ngumzuzu ka-76.

Leli thuba liwele phambi kukaThembinkosi Lorch ozithole ebhekene ngqo nonozinti weChippa uLloyd Kazapua kodwa lamehlula.

Uvele washaya into ecikizayo ayivimbe kalula uKazapua obesephumile epalini ezokhalima ingozi.

U-Ofori ukhiphe iPirates ehlazweni lokushayelwa ekhaya evimba ibhola elibi likaBienvenu Eva Nga ngomzuzu ka-82 sekuvalwe amehlo.

Ukudlala ngokulingana kusize kakhulu iChippa okuyiyo esenkingeni yokuvika izembe. Seyinamaphuzu angu-26 ngemuva kwemidlalo engu-26 kanti seyisethubeni elihle lokuziqhelelanisa nezembe.

IPirates yona inyukele endaweni yesine kodwa isaqhelile endaweni yesibili okuyiyo ephokophele kuyo kule sizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.