Ishayiwe iSundowns kodwa…

UThapelo Morena

OKADONGA GUMBI

Izobuya ilambatha iMamelodi Sundowns eGibhithe la ishaywe khona yi-Al Ahly ngo 2-0 emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni womkhumulajezi kwiCAF Champions League ngoMgqibelo ebusuku. Kodwa indlela edlale ngayo izoyinika ithemba lokuthi isengawaphendula amatafula emlenzeni wesibili ekhaya.
AMasandawana awazange adlalise okweminqolo njengoba abehlasela, ubungaze ufunge asekhaya indlela abekhululeke ngayo.
Empeleni nje kwale inhlanhla. Bekumele kube yiyo ekora kuqala, njengoba kuthe ngomzuzu ka-20, yahlulwa yithuba elihle. Kuqale uMosa Lebusa ethi uyadla ngekhanda kade kuyi-free kick, kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini. Ilikhiphile i-Al Ahly kwaba yikhona.
Igotshwe uGaston Sirino yahlangana noGift Motupa, walingqofa kahle kodwa ibhola lakhe laceza kancane eceleni kwepali. Ukusuka lapho, zivele zabhimba izinto njengoba i-Ahly ivele yaqonda epalini, u-Ahmed Taher wagudla noThapelo Morena, wamgwinya qede wadedela udalimede weshodi engaphandle kancane kwebhokisi, lamudla uDenis Onyango.
Yize uSundowns ike yahlakazeka ngemuva kwaleli goli, kodwa ibuye yaziqoqa yaqala yahlanganisa iminyakazo yokuhlasela, ikakhulukazi ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
EzaseChloorkop zibuye ekhefini sekucaca ukuthi ziyabona ukuthi kuyabheda, uma zingajiki ukwenza zingabuya ekhaya nenduku yombangandlala.
UMotupa ubeseqalile ejabula ngomzuzu ka-58 ngemuva kokungqofa ibhola kade kuyikhona, kodwa unozinti, uMohamed Elshenawy walifica walivimba.
Igoli lesibili ebilokhu ilizingela iRed Devils lize laphamuka sekubalwa imizuzu kuphele umdlalo. Kube yiphutha lika-Onyango ophumile eyovimba ibhola, kodwa wazibona ukuthi usehambe waze waphuma ngaphandle kwebhokisi lakhe, kwamphoqa ukuthi aliyeke ibhola. Ukubeulithintile ubezokhishwa ngekhadi elibomvu.
Livele lawela phambi kukaShalabi Salah, ozithole enonsebenzi olula wokulelusa aqinisekise ukuthi liphelela enethini.
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.