Ishaywe amavukana iSundowns yodumo lokungashayeki

UThapelo Morena weMamelodi Sundowns noTokelo Rantie weTshakhuma

OKADONGA GUMBI

Kuphenduke amatafula, kwavele kwaba wudaba oluxoxwa yiBhayibheli la uDavide aguqisa khona isiqwaga esisatshwayo, uGoliyathi ngesikhathi iTshakhuma Tsha Madzivhandila iwashisa iMamelodi Sundowns ijezi kwiNedbank Cup ngeSonto ntambama.

Kube wubuqhawe bukanozinti weTshakhuma, uWashington Arubi obuwezele leli qembu laseLimpopo kowanqamu kwisizini yalo yokuqala esigabeni esiphezulu sebhola kuleli.

ITshakhuma seyizobhekana neChippa United kowanqamu ngoMeyi 8. Uma beyicabanga ukuthi izozihubuluzela isobho kwiTshakhuma, izikhlhlisile njengoba iyifice iphethe le yeselesele libheke emsamo inkani.
ISundowns beyiqhubeka nomsebenzi ngendlela ejwayele ngayo kodwa ifice uWashington Arubi engafuni ngisho impukane idlule phambi kwakhe.

Uma kungabalwa amathuba ewakhile iSundowns kungaze kucishe kuse kwazise beyifika iphindelela emapalini eVadhau Vha Damani.

Nayo iTshakhuma beyike ifike kuvalwe amehlo emapalini kaRicardo Goss kusho khona ukuthi nenhlanhla beyibuye ilahleke.

ISundowns izokhala nangonompempe ovele waziba kade ikhalela iphenathi kulandela ukuqiswa kukaGaston Sirino ngaphakathi ebhikisini leTTM.

Nokho uma sekuphinde kuvezwa kwithelevishini, kucacile ukuthi isitobha seTshakhuma siqale ngebhola, kwase kuthi unyawo lukaSirino lwagaxela kuso, wawa.

IqhubekileiBrazilians nokingqongqoza kodwa yanqaba yaphetha iTshakhuma ukuvula. Kuze kwagcina semuyiwe esikhathini esengeziwe kanti nakhona u-Arubi ubesalwa, enqaba okokugcina negoli.

Eaiwombeni sesibili esikhathini esengeziwe neTshakhuma incishwe iphenathi ngemuva kokuthi uBrian Onyango edlalise kabi uThembisani Nevhulamba eqhamuka ngemuva.

Yize unompempe eyishaye indiva, kodwa kuthe sekuvezwa kahle kwithelevishini kwacaca ukuthi ushaye udaka.

Kuthe sekusele imizuzu engaphansana kwesithupha, iSundowns yalithola igoli, kodwa kwaba wukuthi u-Onyango ubesesendaweni engamfanele ngesikhathi elishaya.

Kuze kwaphoqa ukuthi indaba iyoqedelwa phansi kwepali njengoba womabili lamaqembu ehlulekile ukusebenzisa amathuba awo.

Abashaye amaphenathi kwiSundowns: Lyle Lakay – wakora; Sibusiso Vilakazi – wakora; Ricardo Nascimento – wakora; Thapelo Morena – wakora; Themba Zwane – wakora; Hlompho Kekana – yavinjwa

Abashaye amaphenathi kwiTshakhuma: Thabo Nonyane – wakora; Alfred Ndengane – wakora; Joseph Molangoane – wakora; Madanagha – wakora; Ndivhuwo Ravhuhali – wakora; Thembisani Nevhulamba – wakora

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.