Ishaywe yayekisa abaqeqeshi emsebenzini iSwallows

Ishaywe yayekisa abaqeqeshi emsebenzini iSwallows
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukushaywa kweSwallows FC ngo 3-1 yiKaizer Chiefs kwenze ukuthi abaphathi beZinyoni bathathe isinqumo sokuthi baxoshe ithimba labaqeqeshi.

Izinyoni akuzihambeli kahle kanti ukushaywa emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto kwenze ukuthi zishoveleke endaweni yokugcina ngci kwilogi.

Ngokwesitatimende seSwallows kube nomhlangano osheshayo ngemuva komdlalo.

“Ngemuva kokuthola umbiko wethimba labaqeqeshi, abaphathi beqembu bathathe isinqumo sokuthi kukhona okumele kwenziwe ngokushesha,” kusho isitatimende.

“Njengoba iqembu lihleli ekugcineni kwilogi yePremiership, abaphathi banqume ukuthi ithimba labaqeqeshi lingezi emsebenzini kusukela manje.

“Abazobamba okwesikhashana  bazomenyezelwa maduze nje.

“Sesikuzwile ukukhala kwabalandeli bethu. Siyaxolisa ngokungenzi kahle kweqembu, sicela niqhubeke nokuleseka.”

UBrandon Truter, oqeqesha iSwallows, uke wamiswa ngasekuqaleni kwesizini ngakho ukungenzi kahle kweqembu.

Nokho lo mqeqeshi ubuyiselwe emsebenzini wakhe kodwa wangaba khona umehluko.

Mancane kakhulu amathuba okuthi kulokhu uTruter uzosinda ekuxoshweni yiqembu.

Bakhona vele asebebona ukuthi iSwallows kumele izame ukukhuluma noGavin Hunt, naye omisiwe kwiChippa United ngenxa yokugqoza kwemiphumela.

Impempe yayivele ike yabika phambilini ukuthi abaphathi beSwallows sebebheke ukubona ukuthi kwenzakalani kuHunt ngoba bebjeke ukumcela ukuba azosiza.

Emdlalweni olandelayo iSwallows izovakashelwa yiMaritzburg United eDobsonville Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.