Isibambe umoya okokugcina iSharks esibheke ukudla isicoco

Lukhanyo Am Rainbow Cup Sharks
ULukhanyo AM
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Akukho ukungabaza ukuthi abadlali beCell C Sharks bacabanga ngo 43-9 emiqondweni yabo, abathelwe ngawo othulini yiVodacom Bulls emdlalweni womzuliswano wokuqala weRainbow Cup SA.

Kulo mdlalo ezikaSean Everitt (umqeqeshi weSharks) zibuye ePitoli zikhumuke amazinyo, zingakwazi ukuhlafuna zivuthiwe yinduku.

Nokho ezaseThekwini zinethuba elikahle lokuzibuyisa zishisa izunduku uma sezibhekene neBulls emdlalweni wokugcina, eJonsson Kings Park, eThekwini, ngoMgqibelo.

ISharks kumele iwine ngendlela efana ncamashi nale eshaywe ngayo ngenyanga edlule ekuhambeni.

Kuzodingeka ithole iphuzu lebhonasi, nokuchaza ukuthi kumele ishaye ama-try amane, bese ingazivumeli izivakashi zenze okufanayo.

Ngaphezu kwalokho iSharks kumele iwine ngamaphuzu angaphezulu kwayisikhombisa ukuze iBulls ingalinuki nangengozi iphuzu lebhonasi.

ISharks ibiphumuze abadlali ngesikhathi ibhekene ne-Emirates Lions ngempelasonto edlule. Kodwa babuyile iningi labo njengoba inomdlalo obalulekile ngoMgqibelo.

Izobe igadla ngoLukhanyo Am (ukaputeni), Siya Kolisi, Aphelele Fassi, Curwin Bosch noPhepsi Buthelezi. Umdlali ongeke awuqale umdlalo uSbu Nkosi, kanti endaweni yakhe kunombolo 14 kuzodlala u-Anthony Volmink.

Kunombolo 11 kukhona ‘umgijimi’ uMakazole Mapimpi. Ukuwina kweSharks ngendlela okufanele ngayo ngoMgqibelo, kuzoqinisekisa ukuthi iqeda esicongweni bese ikhala yemuka neRainbow Cup SA.

Nokho akungabazeki ukuthi neBulls izolwa ukuze ingasuki lapho ihleli khona, bese kuba iyona izingqwele zaseNingizimu Afrika zeRainbow Cup.

Okungalindeleka ngoMgqibelo umdlalo ohluke kakhulu kunowomzuliswano wokuqala, ngoba iqembu elizodlala kahle yilona elizoba yizingqwele njengoba isongwa imidlalo yeRainbow Cup ngempelasonto.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *