Isibuyele embangweni wendawo yesibili iPirates, kusho uNcikazi

Isibuyele embangweni wendawo yesibili iPirates, kusho uNcikazi
Alfred Ngubane

UMandla Ncikazi ongumqeqeshi kwi-Orlando Pirates ubona sebenethuba elihle lokuqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership ukuze bayodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

Lokhu lo mqeqeshi waseHlokozi ukuveze ngemuva kokushaya kwezakhe iSekhukhune United ngo 1-0 emdlalweni obuse-Ellis Park eGoli ngoLwesithathu.

IPirates ilishaye seliyoshona ilanga igoli kulo mdlalo liqhamuka ngonyawo lukaFortune Makaringe ngemuva kwephutha likanozinti weSekhukhune.

“Bekubaluleke kakhulu ukuthi siwine lo mdlalo… Le midlalo emibili, lona noweBaroka uma siyiwina kuyibuyisela embangweni wendawo yesibili.

“Sinethemba lokuthi lawa amanye amaqembu esibanga nawo le ndawo azowalahla amaphuzu. Kodwa nathi kuzomele siqinise kowethu umsebenzi.

“Kumele siyiwine imidlalo yethu bese sibona ke ukuthi lokho kusibekaphi,” kusho uNcikazi. IBucs isisendaweni yesihlanu kwilogi.

Seyisalele emuva ngamaphuzu amahlanu kwiRoyal AM okuyiyo esendaweni yesibili. Umsebenzi wokuqeda kule ndawo awuzukuba lula neze.

Nokho indlela abalwe ngayo abafana bakhe bamfake ithemba nomdlandla uNcikazi ukuthi bengawufeza lo msebenzi.

“Ngibajabulele kakhulu, izimo bezingezinhle futhi zingasivumeli ukuthi sidlale ibhola elihle. Ngichazekle ngokuthi balwile.

FUNDA NALA: UBaxter ubheke abalandeli bezoseka iqembu, hhayi okunye

“Bekusifanele ukuwina njengoba besinamathuba futhi sithole nephenathi yasihlula. Ngicabganga ukuthi bekusifanele ukuwina. Umjaho usaqhubeka, sizobona sizophelelaphi.”

Ukuvumile ukuthi uke wathuka wazitshela ukuthi ngomunye wemidlalo abazohluleka kuyo ukuphuma namaphuzu agcwele.

“Bengicabanga nje ngizibuza ukuthi, ‘ngabe kungenzeka yini ukuthi sakhe amathuba siphinde sithole nephenathi bese singawini, sidlale ngokulingana kungenasidingo?’

“Kodwa ke uMdali usibhekile. Ngijabule ngendlela abadlale ngayo. Ngiyaziqhenya ngawo wonke umuntu oseqenjini.

“Sisasemgqeni ngokwezinhloso zethu yize sezijikile futhi lokhu (ukulwela ukulala isibili) kwakungeyona inhloso yethu, kodwa kumele sibheke phambili. Ngiyazigqaja ngaleli qembu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.