Isicoco seligi sizobangwa ngathi izikhundla zobukhansela e-England

Isicoco seligi sizobangwa ngathi izikhundla zobukhansela e-England
UCristiano Ronaldo
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Ngiyazi isizini isephansi kakhulu ukuthi singakhuluma ngombango wesicoco seligi. Kodwa le midlalo embalwa esidlaliwe e-England ikhombisile ukuthi uzoshuba kakhulu umbango.

Amehlo omhlaba njalo ahlezi ebheke ibhola lase-England ngoba iyona iligi ehamba phambili emhlabeni.

Ibhola lakhona limnandi ngoba amaqembu akhona ancintisana kakhulu okwenza kube nzima ukuqagula ukuthi engabe iliphi eliyogcina likhale lemuka nesicoco ekupheleni kwesizini.

Namhlanje ngifuna ukubheka amaqembu ambalwa asemathubeni okunqoba iligi. Ngizoqala ngompetha abayivikelayo okuyiManchester City.

Iqembu likaPep Gaurdiola lihlezi liyingozi futhi kulindelekile ukuthi lilwe kuze kube sekugcineni ukuvikela isicoco
salo.

Leli qembu alisayinanga kakhulu kodwa ngikholwa ukuthi uJack Grealish ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu futhi wenza izinto zenzeke uma esenkundleni.

Yingakho kungimangazanga uma iCity ikhipha izimali ezishisiwe ithenga lo mdlali obengukaputeni we-Aston Villa.

ICity beyidinga umuntu okwazi ukwakha amathuba futhi aphakele abagadli amabhola amahle.

Nakuba lingashodi kakhulu leli qembu ngikholwa ukuthi belimdinga umgadli osezingeni eliphezulu njengoHarry Kane.

Zike zabakhona izingxoxo phakathi kwakhe naleli qembu kodwa zabuye zaphelela endleleni kanjalo noLionel Messi ogcine esesayina eFrance.

Ngemuva kokufika kukaChristiano Ronaldo, iManchester United ivele yabukeka iphelele ingasashodi ngalutho.

Iqale yasayina uJadon Sacho nesitobha uRaphael Varane okungabadlali abasezigeni lomhlaba.

Umdlalo wangempelasonto phakathi kwayo iManchester United neNewcastle United nokwakungumdlalo wokuqala kaRonaldo wasishiya nesithombe esisobala.

Kwacacela noma ubani ukuthi leli qembu nalo lizobalwa nafuna ukunqoba isicoco seligi kule sizini.

Ngikhuluma nje leli qembu lihlezi esicongweni njengoba kungelinye elisawine yonke imidlalo yalo yokuvula isizini.

IChelsea nayo ngiyibona izoba nzima kakhulu ikakhulukazi njengoba iqede isizini ivele iwaqeda amanye amaqembu ngenduku yaze yawina nesicoco seChampions League.

Umqeqeshi waleli qembu uThomas Tuchel unobuchule nobuhlakani obuyisimanga. Selokhu efikile kuleli qembu useliphendule iqembu elisabeka kakhulu kunakuqala.

Uyakwazi ukufaka ukuzethemba kubadlali bakhe futhi uyakwazi ukubenza bakholwe ukuthi bangashaya noma liphi iqembu abesabi muntu.

FUNDA NALA: UBaxter uthi usazoqhubeka nokufaka uNurkovic oshweba amagoli

Ukufika kukaLukaku kuyenze yashibilika ngoba ungumshini wamagoli. Epalini uvimba ngisho impukane edlulayo u-Edouard Mendy selokhu anikwa ijezi.

Ngeke uyishiye ngaphandle iLiverpool uma ubala amaqembu afuna ukuwina isicoco seligi ngoba nalo leli qembu lihlangene.

Abadlali balo sebedlale isikhathi eside ndawonye bayawoqonda bonke umsebenzi wabo enkundleni.

Leli qembu linabagadli abayingozi bonke futhi akekho ongamkhipha iqhulu uthi kubhekwe yena ukuthi
ashaye amagoli ngoba bonke bayawashaya.

Ngikhuluma ngoMohamed Salah oqeda kushaya amagoli ayikhulu kuleli qembu, uSadio Mane noFirmino engikholwa ukuthi izinga lakhe lithanda ukwehla kancane kulezi zinsuku.

Emuva bavala zonke izintuba oVirgil Van Dyk akudluleki kalula kanti nasepalini baphethe unozinti omuhle
kakhulu futhi okwazi nokuthumela amabhola ayingozi kubagadli bakhe.

Kusazodlalwa ngoba indlela iseyinde kodwa iqembu elizothatha isicoco lizosijulukela ngoba ngeke
kube lula. Iyobanjwa esithele nayo.

UThulisile Miya ungumsakazi owethula imidlalo bukhoma kuKhozi FM. AKubhala lapha ngumbono wakhe ongahlangene nabaqashi bakhe.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.