Isidididi ngokuya kukaKolisi kwiSharks

Ukaputeni wamaBhokobhoko uSiyamthanda Kolisi usendlele ebheke kwiSharks

MTHOKOZISI MNCUSENI

I-Cell C Sharks iyagoloza ukukhokha u-R1 million ofunwa yiWestern Province ngokaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolosi ngoba vele inkontileka yakhe iyaphela ezinyangeni eziyisishiyagalombili.

Kungenzeka uKolisi abe esewuShaka ingakapheli inyanga kodwa lokhu kulele ekutheni iSharks, uyena lo mdlali, neqembu lakhe, iProvince, bayafika yini esisombululweni.

Yilo R1 million ovimbe uKolisi ukuthi angazihlanganisi neSharks maduze kodwa isikhulu saleli qembu laseThekwini u-Ed Coetzee sishaya ngonyawo phansi sithi ngeke bakhiphe ngisho indibilishi.

Inkontileka kaKolisi neProvince iyaphela ngo-Okthoba 31 kodwa akhona amathuba okuthi azihlanganise neqembu elisha singakafiki leso sikhathi, yinqobo uma kuvunyelwana.

IProvince ithi ngeke ime endleleni kaKolisi uma efisa ukuhamba manje kodwa noma ubani omfunayo kufanele akhokhe u-R 1 million ngoba usenenkontileka nayo (iProvince).

“Akukho mali esizoyikhokha ngoKolisi. Indlela afuna ukuyithatha ngempilo yakhe ingena ithi khaxa kulokhu nathi esikuhlelile ngekusasa leqembu.

“Yebo siyakhuluma naye futhi izingxoxo zethu sezihambe ibanga elide kakhulu. Inkulumo yethu futhi iyahambisana, ngakho-ke akukho mali esizoyikhokhela iProvince ngoKolisi,” kusho uCoetzee.

Lesi sikhulu sithi bazimisele ukusayinisa uKolisi kodwa indaba ka-R1 million abayingeni.

“Sixoxa naye njengomdlali ongenayo inkontileka. Sixoxa naye uqobo hhayi inyunyana asengaphansi kwayo, okwamanje.

“Indaba yokuthi udedelwa nini iphakathi kwakhe neqembu lakhe hhayi thina. Siyamdinga ukaputeni wamaBhokobhoko kwiSharks.

“Noma inini uma eseqede konke neqembu lakhe sizokwenza konke okusemandleni ukuthi eze eThekwini,” kulandisa uCoetzee.

Kusukela izinkinsela zase-United States of America (USA) i-MVM Holdings zimemezele ukuthi zizothenga amasheya amakhulu kwiSharks indaba kaKolisi ukuthi uya kuwona iqalile yamunyungwa.

Le nkampani yalabo macaphuna kusale, ihlangene neRoc Nation kaJay Z (wodumo lweHip Hop)okuyiyona ebheke izindaba zikalo kaputeni wamaBhokobhoko.

Kuyona i-MVM Holdings kukhona nenkisela yaseThekwini uMarco Masotti osanda kuvela ukuthi baqale bazama ukuthenga i-DHL Stormers bahluleka njengoba begcine bethola iSharks.

email: mthokozisi@impempe.com

twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.