Isifikile iSundowns e-Egypt la izohlala khona amaviki amabili

Isifikile iSundowns e-Egypt la izohlala khona amaviki amabili
OKaDonga Gumbi 

Seyifikile eCairo, e-Egypt iMamelodi Sundowns la izohlala khona amaviki amabili njengoba iyodlala imidlalo yesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League.

IMasandawana ihlezi phezulu eqoqweni layo ngamaphuzu amathathu kulandela ukushaya kwayo ngomcacamezelo womlalisa phansi i-Al Hihal Omdurman yaseSudan.

Nokho amanye amaqembu enawo kuleli qoqo – i-Al Ahly ne-El Merreikh awakadlali njengoba i-Ahly kade ikwiNdebe yoMhlaba yamaqembu ngempelasonto edlule ayangakwazi ukudlala eyeChampions League.

ISundowns izobhekana ne-El Merreikh ngoMgqibelo e-Al Salam Stadium eCairo bese kuthi ngoFebhuwari 25 igadulisane nezikaPitso Mosimane.

Ibe nenhlanhla iSundowns yokuthi i-El Merreikh iqoke ukuyoyidlalela e-Egypt imidlalo yayo yasekhaya ngemuva kokuba inkundla yayo ingaphasiswanga yiCaf.

NezeSundowns, iLoftus Versveld neLucas Moripe Stadium azizange ziphase yingakho imidlalo yasekhaya iyidlalela eRoyal Bafokeng Stadium eRustenburg eNorth West.

Leli qembu lasePitori lizosale selihlala khona e-Egypt ngeke libuye lize liqede le midlalo yalo, kanti ihambe nesibalo sabadlali esithe xaxa kunokujwayelekile ngenxa yalokhu.

FUNDA NALA: UMdletshe ufuna ukuyosibika edlozini lakubo isicoco seWBF uma esesiwinile

“Sizohamba nabadlali baningi kulokhu ngenxa yokuthi sizodlala imidlalo emibili,” usho kanje uManqoba Mngithi ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns.

“Ngokujwayelekile siyaye sihambe nabadlali abangu-25 uma sizodlala umdlalo owodwa bese siyabuya kodwa kulokhu sisandisile leso sibalo ngoba kukhona izinkinga zeCovid-19 nokuthi imidlalo mibili.

“Abanye babadlali abekho esimweni esikahle sokudlala umdlalo wokuqala kanti bazokwazi ukudlala kowesibili’

“Isimo sisiphoqe ukuthi sihambe nabadlali abaningi,” kuchaza uMngqithi ngaphambi kokuthi iqembu lihambe ngoLwesibili liye e-Egypt. Lifike ngoLwesithathu ekuseno khona.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.