Isifiso seChiefs ukuwina yonke imidlalo: Dolly

Isifiso seChiefs ukuwina yonke imidlalo: Dolly
UKhama Billiat, Happy Mashiane, Keagan Dolly noNkosingiphile Ngcobo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

UKeagan Dolly weKaizer Chiefs uthi akakubekile kakhulu emqondweni ukuthi kumele ashaye igoli kuyona yonke imidlalo ayidlalayo.

Lo mdlali ofike washukumisa izinto kuMakhosi, uyena ohamba phambili ngokushaya amagoli kuleli qembu.

Usehlohle amagoli amahlanu emidlalweni yeligi engu-11 yeligi.

“Kimina akubalulekile kakhulu ukushaya igoli njalo uma sidlala.

“Kodwa okubalulekile wukwenza konke okusemandleni ukusiza iqembu ukuthi liwine,” kusho uDolly.

“Yilokho ngqo okwenzeke eMgungundlovu (ngeSonto). Sinabadlali abaningi eqenjini ukuthi ngosuku oluthile noma ubani angalishaya igoli.

“Ngiyajabula ukwenza umsebenzi wami wokusiza iqembu ukuthi liwine uma sidlala.

“Ngethemba ukuthi emidlalweni ezayo ngizophinde ngifake isandla ekutheni ngakhe amagoli.

“Mhlawumbe nami ngilishaye elami. Kodwa akukho mayelana nami kumayelana neqembu nokuthi sidlala kanjani.

“Kumayelana nokuthi sifuna ukuba kuphi ekupheleni kwesizini.”

IChiefs ishaye iMaritzburg United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto eMgungundlovu.

NgoLwesithathu Amakhosi azokwamukela AmaZulu FC eFNB Stadium, eNasrec, ngo-5 ntambama.

UDolly ubona uzoba nzima lo mdlalo.

“Njengoba sibuya ekuwineni kwi-Orlando Pirates kowomkhaya, saphinde saqoqa amaphuzu kwiMaritzburg, lokhu kusibeka esimeni esihle kakhulu.

“Lokhu kuzosisiza kakhulu njengoba sinomdlalo naMaZulu,” kusho leli nxele.

“Sifuna ukuwina yonke imidlalo, ngakho yilokho esizozama ukukwenza uma sesibhekene naMaZulu.

“Banabadlali abahle kakhulu, abadlala ibhola elihle. Banomqeqeshi omuhle uBenni McCarthy.

“Benza kahle kakhulu njengeqembu kodwa okwethu akukona ukunaka bona.

FUNDA NALA: OweStellies uthi uzwa egazini ukuthi bazoyibhubhisa iPirates

“Kumele sizame ukudlala kangcono emdlalweni ngamunye esiwudlalayo njengeqembu.

“Ngicabanga ukuthi kuyabonakala uma ubheka imidlalo edlule ukuthi siya ngokuba ngcono.

“Kuzoba umdlalo onzima kithina. Angicabangi ukuthi ikhona imidlalo elula kule sizini.

“Kumele sisebenze kanzima bese senze lokho esikwaziyo.

“Kufanele sihlasele njengeqembu sizame ukwakha amathuba.”

U-Dolly uyena oshaye iphenathi ngesikhathi Amakhosi ebambana ngo 1-1 naMaZulu emdlalweni womzuliswano wokuqala.

Usuthu lugcine lubambane neStellenbosch FC ngo 2-2 emdlalweni odlule weligi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.