Isigcine imtholile uThibedi iSwallows, u-Ekstein usesayinile oSuthwini

Isigcine imtholile uThibedi iSwallows, u-Ekstein usesayinile oSuthwini
UMoikhomotsi Thibedi nosihlalo weSwallows uDavid Mogashoa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi iKaizer Chiefs isigcine ivumile ukudedela uMoikhomotsi Thibedi ukuthi ajoyine iSwallows. Impempe ibike yabika ekuqaleni kwesonto ukuthi iChiefs imanqika ukudedela lo mdlali.

UThibedi ubekwiSwallows kulamasizini amabili edlule ebolekisiwe kodwa wabuyela kwiChiefs ekupheleni kwesizini edlule. ISwallows ibe seyicela ukuba ivele imthenge ngokugcwele.

Okwamanje akukacaci ukuthi ngabe uThibedi usejoyine ngokugcwele yini kwiSwallows noma usabolekisiwe. Abasondelene naleli qembu bathi kuzovela kahle konke lingakapheli isonto.

UPule Ekstein usezogijima kuMaZulu FC asevume ukusayina kuwo iminyaka emibili ngokuthola kweMpempe. U-Ekstein wazakhela igama esadlala kwiKaizer Chiefs eminytakeni emibili edlule.

Ngokuthola kwethu, Usuthu luzomethula emphakathini ngoLwesine uma sekuqedwe wonke amathizethize amancane abesasele ukuthi aphothulwe.

“Ngigcine izolo (ngoLwesithathu) sekuxoxiswana ngendaba yemihlomulo nabaphathi bakhe. Okunye bese kuvunyelwene ngakho futhi naye umdlali ujabule ngoba ufunwe ngumqeqeshi (uBenni McCarthy) uqobo,” kusho umthombo.

U-Ekstein udle ngebhola elinomjiko kanti uyalikhahlelela nepali uma ithuba livela kahle. Usuke kwiChiefs ngemuva kokungavumelani ngezimali sekumele avuselele inkontileka.

FUNDA NALA: UBaxter ucula ingoma emtoti ezindlebeni zabalandeli beChiefs

Ube esejoyina iqembu lase-Azerbaijan iSabah FK wafike wadlala kahle futhi waphenduka isilomo kuleliya lizwe. Ube esedlelela kwiFK Sabail khona e-Azerbaijan ngesizini edlule.

Kuthe uma kuphela inkontileka wacela ukubuyela ekhaya. Uke wamataniswa neqembu lakhe lakudala iChiefs. Abanye bebemkhomba kwi-Orlando Pirates neSwallows FC.

Kodwa kugcine kube wuSuthu oluhlomulayo ngalo mdlali oneminyaka engu-30 owakhuliswa yiChiefs. IChiefs yona yayimthole esebenza ezimayini ngesikhathi idlala umdlalo wobungani neqembu labasebenzi basezimayini.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.