Isike kwelinonile iCovid idlula noLedwaba

Isike kwelinonile iCovid idlula Ledwaba
ULehlohonolo "Hands of Stone" Ledwaba

 

UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Isiphinde yagadla kwazwela iCovid-19, ebuye ngezinkani eNingizimu Afrika, kulandela ukudlula emhlabeni komshayisibhakela owaziwayo, uLehlohonolo “Hands of Stone” Ledwaba.

Lo mshayisibhakela owayengumpetha weSouth African junior-featherweight, unqotshwe yiCovid-19 ngoLwesihlanu. ULedwaba, obezohlanganisa iminyaka engu-50 ngoJulayi 27, uke wawina isicoco se-International Boxing Federation (IBF) esisindweni junior-featherweight.

Ulahlekelwe yibhande le-IBF ngo-2001 ngemuva kokushaywa yinkunzi eyaziwayo kwezamanqindi, uManny Pacquiao, eselivikela okwesithupha. Wayekade eliwine ngokwehlula uJohn Michael Johnson ngoMeyi 1999.

ULedwaba, ongowokuzalwa eSoweto, wawina izimpi eziwu-36, kanti eziwu-23 zazo waziphumelela ngomngqimuzo womlalisa phansi. Wehlulwa kweziyisithupha kwathi eyodwa wayilwa ngokulingana.

Uke wawina neWorld Boxing Union (WBU) esisindweni se-bantamweight nese-featherweight. ULedwaba ungumuntu wesibili oxhumene nesibhakela ukudlula emhlabeni ngenxa yeCovid-19 esikhathini esingaphansi kwenyanga. UNeville Scholtz, obememezela eringini, udlule emhlabeni ngoMeyi.

FUNDA NALA: Kusolwa uphuzo kowayehalelwa yiChiefs neSundowns osenyamalele ebholeni

Ngasekuqaleni kwalo nyaka, lolu khuvethe lwathatha umhleli wezimpi oqavile, uThulani “Nkunzi” Magudulela.

Impempe.com izolulandela udaba lokudlula emhlabeni kwale ngwazi ngokuthi ikhulume nabantu abamazi kahle kwezamanqindi, bese ithola nokuthi uzofihlwa nini.

Sifisa ukudlulisela ukukhalisana kwethu nabomndeni, izihlobo zabangani. Anilahlekelwe nodwa, kodwa isizwe sonke siyalila ngaleli qhawe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.