Isikhucululi magciwane nomshanelo omkhulu kugadle kwabeChiefs

ULebogang Manyama
Sihle Ndlovu

Kugqame ukudedelwa kwesikhucululi magciwane nomshanelo omkhulu ofana nalo wabahlanza imigwago kamasipala, kwiKaizer Chiefs ngoLwesithathu.

Bekuvele kulindeleke ukuthi leli qembu laseNaturena lidededele inqwaba yabadlali kulandela ukungenzi kahle amasizini amabili elandelana.

Amakhosi aqale ngokuveza ukuthi ngeke esayivuselela inkontileka kaSamir Nurkovic ephela ngoJuni 30. Ngalokhu kuvele kwagcwaliseleka ukuthi lo mgadli useya kwiRoyal AM asesayine kuyona iminyaka emithathu, ngokusho kwemithombo ethembekile.

Ngemuva kwalokho zivele zehla ngohologo kwiTwitter yaMakhosi eveza abanye abadlali abangeke besabonakala eNaturena ngesizini ezayo.

IChiefs izohlukana noKearyn Baccus ekupheleni kukaJuni. Lo mdlali waseNingizimu Afrika, okhulule e-Australia, udlale imidlalo engu-53 kuMakhosi washaya amagoli amabili. Nokho uke waphazanyiswa ukuthi ulimala kakhulu.

Omunye umdlali oshiya iChiefs uLeonardo Castro. Lo mdlali waseColombia udlale imidlalo engu-122 kuMakhosi washaya amagoli angu-27 kumasizini amane.

UDaniel Akpeyi naye uyayishiya iChiefs njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJuni 30. Lo nozinti waseNigeria udlalele iChiefs amahlandla angu-69.

ULebogang Manyama naye uyayishiya iChiefs njengoba ingeke ivuselelwe inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni. Udlalele iChiefs imidlalo engu-95 washaya amagoli angu-15.

Uyahamba noLazarous Kambole ofike kwiChiefs ngo-2019. Lo mdlali waseZambia udlale imidlalo engu-46 kwiChiefs washaya amagoli amabili kuphela.

UDaniel Cardoso naye ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe kwiChiefs ekupheleni kwenyanga. Lesi sitobha sidlale imidlalo engu-185, sashaya amagoli angu-12 kumasizini ayisikhombisa.

Omunye ozoshiya Amakhosi uLee Baxter obengumqeqeshi wonozinti kusukela ngo-2018. U-Anthony Akumu Agay ofakwe ohleni lwabadlali abadedelwayo. Iqembu lizolindela ukuthi kukhona yini iqembu elimfunayo.

IChiefs isanda kusayinisa abadlali ababili abaphuma kwiStellenbosch FC, u-Ashley du Preez nozitha Kwinika. Kulindeleke ukuthi iqhubeke nokusanisa abanye abadlali.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.