Isikhulu saphika, ngabe iSuperSport isiphenduke inkulisa yeDowns?

Isikhulu saphika, ngabe iSuperSport isyiphenduke inkulisa yeDowns?
URicardo Goss obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiSuperSport United
Sbongs Gumbi

Isikhulu seSuperSport United uStan Mathews saphika saze salala phansi, siphikisa izinsolo zokuthi leli qembu seliphenduke inkulisa yeMamelodi Sundowns.

Nokho kubukeka leli siko lokuthi iSuperSport ikhulise futhi icije abadlali bese ibadlulisela kwiSundowns lisaqhubeka.

“Asiyona inkulisa yeSundowns thina,” washo kanje uMathews kwabezindaba emaviki ambalwa adlule uma ebuzwa ngalokhu okushiwo ngabalandeli.

“Khona abadlali abahlanu abedlule esibadayisile baye kwiSundowns kodwa lokho kungenxa yokuthi sisebhizinisini.

“Uma kukhona ofika kuwe efuna umdlali, uba nokubili okumele ukhethe kukho. Kuphakathi kokuthi lowo mdlali uzohamba mahhala uma sekuphele inkontileka…

“Okwesibili wukuthi ube nomdlali ohlale exhukule ongadlali nobe eseba yinsila embi engase igcina itheleleka nakwabanye abadlali.

“Into oyifunayo wukuthi ube nabadlali abafunayo ukuba seqenjini, abanezifiso zokudlulela ezindaweni ezingcono ngebhola labo.”

Sekuthe ngoMsombuluko iSuperSport yamemezela ukuthi seyisayine uRicardo Goss embolekwe yiSundowns iminyaka emibili.

Lokhu kuyacaca ukuthi kwenzelwe ukuthi lo nozinti azoqiniswa ukhakhayi bese ebuyela kwiSundowns esesezingeni elihle.

FUNDA NALA: Omusha kwiRichards Bay uthi ngeke bavike izembe, bazohubha izindebe

UGoss kulindeleke asheshe angene eqenjini eliqala imidlalo njengoba ezoncintisana noBoafela Pule noGeroge Chigova kwiSuperSport.

“Ngamukelwe ngemfudumalo. Kube lula kimi ukujwayela ngoba iningi labadlali bayangazi futhi ngijabule ngokuba lapha.

“Ngifuna ukuzama ukusiza iqembu liwine izindebe futhi lilwe nakwiligi,” kuchaza lo nozinti owayedlala kwiReal Kings phambilini

Ngokuncintisana kwakhe noChigova noPule, uGoss uthe uyabahlonipha labo nozinti ngenxa yamava abo.

“Banamava futhi lokho kuyangijabulisa. Yibo abangibonisayo ukuthi izinto zenziwa kanjani lapha,” kuchaza yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *