Isikhulu se-Amiens siqede amathemba okuza kukaZungu kwiChiefs

Bongani Zungu Amiens
UBongani Zungu
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Avele ehla amathemba okuthi umdlali weBafana Bafana, uBongani “Ben 10” Zungu angase ajoyine iKaizer Chiefs ngesizini ezayo. Lo mdlali ungomunye wabebemataniswa neChiefs kuthiwa izama ukunxenxa iqembu lakhe laseFrance, i-Amiens ukuba libaboleke yena.

UZungu usenesikhathi afika kuleli qembu kodwa wehluleka wukuzibekisela indawo eqenjini eliqala imidlalo. Yingakho ngesizini edlule ebebolekiswe kwiRangers eScotland.

Nakhu okungenza uBuhle Mkhwanazi angayi kwiKaizer Chiefs: https://bit.ly/3q5LGI5

Nokho ke ukudlala kahle kwakhe kuyo sekwenze yacabanga kabili i-Amiens ngokuphinde imdedele. Isikhulu sayo, uBernard Joannin utshele abezindaba ukuthi uBen 10 uzoba yinsika yeqembu ngesizini ezayo.

“UBongani Zungu uyabuya kwiRangers la ebesimbolekise khona futhi uzoba yisinongo esihle kakhulu eqenjini,” kusho uJoannin obeqeda ukwethula umqeqeshi omusha waleli qembu. Ubebika nangezinhlelo zokulungiselela isizini entsha.

Lokhu kwenze kwabonakala ukuthi kuyoba nguye umqeqeshi omusha, uPhilippe Hinschberger, nguye othe uzomdinga uZungu.

Nakhu iChiefs edinga ukukwenza ngaphandle kokuqala kwesizini entsha: https://bit.ly/3gAPrSr

Ikhono likaZungu, owaqala ibhola elikhokhelayo kwi-University of Pretoria ngaphambi kokuya kwiMamelosi Sundowns. Wayengomunye wabadlali abawumgogodla kwiSundowns nokuyingakho amaqembu aphesheya afika ebangisana emfuna.

Waze wagcina ethathwe yiVitoria Guimaraes yasePortugal afike wadlala kahle kuyo, waheha i-Amiens. Usalelwe wunyaka owodwa kwinkontileka yakhe ne-Amiens.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.