Isikhulu seChiefs sikhala ngamaqembu ePSL angafuni ukubadayisela abadlali

UNdabayithethi Ndlondlo weMarumo Gallants obehalelwa yiKaizer Chiefs
Sihle Ndlovu

Isikhulu seKaizer Chiefs sikhala ngenzondo yamaqembu ePremier Soccer League (PSL) ebhekiswe kuleli qembu uma kuza ekudayiselweni abadlali.

Lesi sikhulu esingafunanga ukudalulwa igama laso, sithe kulikhuni satshe ukuthola abadlali abanezinkontileka namaqembu abo ngoba amanye awafuni ukubadayisela abadlali.

“La bantu abafuni ukusithengisela abadlali. Uyazi nawe ukuthi basizonda kangakanani,” kuzikhalela lesi sikhulu.

Siphimisa la mazwi nje besibuzwe ukuthi ngabe uNdabayithethwa Ndlondlo, weMarumo Gallants, uzogcina kwiChiefs yini njengoba kuke kwavela imibiko enjalo phambilini.

Bekuthiwa Amakhosi abanga lo mdlali naMaZulu FC futhi kuzwakale sengathi uzogcina kulona Usuthu.

Lesi sikhulu seChiefs asizange siyiphike ekaNdlondlo kodwa sivele sakhala ngokuthi bayazondwa yikho nje kunzima ukuthola abanye abadlali.

FUNDA NALA: Osindise iSwallows ezembeni usebheke ukuyofukula iChiefs

Sekukaningi kuvela ukuthi iChiefs ifuna umdlali kodwa agcine esayine kwelinye iqembu. Lokhu kwenza ukuthi ihlekwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana kuthiwe ‘iqembu elisayinisa abadlali kwiFacebook.’

Amakhosi kulindeleke ukuthi ethule ngokusemthethweni abadlali bawo abasha maduze okukhona kubona uSiyethemba Sithebe, uYusuf Maart, uDillon Solomons noKamohelo Mahlatsi.

Ngokwemibiko iChiefs ayikaqedi njengoba ingase isayinise abanye abadlali abane okuthiwa babiza u-R22 million behlangene.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.