Isikhulu seChiefs simthwele ngeqoma u-Arthur Zwane

Isikhulu seChiefs sincoma u-Arthur Zwane, sithi akekho onjengaye
U-Arthur Zwane
OkaDonga Gumbi

Kubukeka ezogcina ngokuwunikwa ngokugcwele umsebenzi wokuqeqesha iKaizer Chiefs u-Arthur Zwane njengoba esinye sezikhulu zaleli qembu sesiphumele obala samncoma.

UKaizer Motaung Junior, ongumqondisi kuleli qembu abuye abe yindodana kasihlalo uKaizer Motaung, uthi akamboni umqeqeshi ingcono kunoZwane.

UZwane njengamanje nguye oqeqesha leli qembu ngokubambisana noDillon Sheppard kulandela ukuxoshwa kukaStuart Baxter.

Nokho kukhona asebevele bashaya amakhala ngaye, bathi akakakulungeli ukuphatha leli qembu elikhulu kangaka. Kodwa uMotaung Junior akaboni kanjalo.

“Ngicabanga ukuthi akuyona imfihlo ukuthi uma kukhona umqeqeshi oyiqonda kahle indlela yokudlala yeKaizer Chiefs ngu-Arthu Zwane,” kusho uMotaung Junoir kwabe-IdiskiTimes.

“Uma kukhona umqeqeshi oliqondayo ibhola lesimanje futhi owaziyo ukuthi ubenza kanjani badlale kahle abadlali abasebancane abasheshayo, lowo ngu-Arthur Zwane.

FUNDA NALA: UDavids uthi iPirates iyakwazi ukuwakhipha inkani amaqembu asenhla ye-Afrika

“Akuyona imfihlo ukuthi u-Arthur Zwane uselisebenzele ngendlela encomekayo iqembu kusukela esengumdlali, uyayazi ingcindezi yokudlalela iChiefs.

“Akuyona futhi imfihlo ukuthi unolwazi lokubuyisa indlela yeChiefs yokudlala. Ungumuntu onesigqi futhi ungumholi oqotho noziqondayo izimfuno zeqembu.” 

UZwane naye ukuvezile kuleli viki ukuthi akumlalisi kahle ukwazi ukuthi iChiefs seyiphenduke inhlekisa ebholeni lakuleli.

Uthe uyakwazi okudingeka kwenziwe ukuthi leli qembu libuyele ezingeni lokudla izicoco elalaziwa ngalo kudala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.