Isikhulu seChiefs siphawula ngehlazo elenziwe uNgcobo

Uzimbele amanzi ngomsele oweChiefs esikaza ngequpha umqeqeshi
Alfred Ngubane

UNjabulo Ngcobo ongumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs uzidonsele amanzi ngomsele ngesenzo sakhe sokukhombisa ubuhlaza ngenkathi ekhishwa ngesiwombe sesibili bebheke neGolden Arrows.

Lo mdlali waKwaDweshula eningizimu nogu lwaKwaZulu-Natal uvele wacasuka uma ekhishwa kulandela amaphutha amabi awenzile emdlalweni.

Wenqabile ukuxhawula kumqeqeshi u-Arthur Zwane, wadlubulundela eyolanda ijezi lokushintsha ekhombisa intukuthelo.

Kulaphoke okusukume khona umqeqeshi wonozinti uLee Baxter ezama ukumvimba ukuba angayenzi lento ayenzayo kodwa nakuye waphunyula kabuhlungu, qede wakhombisa ukuthi ubengamfumba ngesibhakela.

Impempe ibe seyithola isikhulu seChiefs uKemiso Motaung ngemuva komdlalo ngalolu daba, okuvumile ukuthi kuyihlazo lokhu okwenziwe nguNgcobo.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi iChiefs iyazwela ngento efaka igama layo ehlazweni kanti noNgcobo engazithola ekwenkulu inkinga ngalesi senzo sakhe.

“Sizoyilungisa ngaphakathi indaba yakhe. Usihlazile, lokho ngeke sikufihle. Ngiyacabanga okokuqala kwenzeka into enje selokhu yaba khona iChiefs,” kusho uKemiso.

FUNDA NALA: IPirates iqhwandele emuva njengenkukhu ibanjwa yiChippa

Impempe ithole nokuthi uNgcobo wenza nje nje kumele kuvuselelwe inkontileka yakhe njengoba ebesayine evuselelwa unyaka nonyaka ngesikhathi efika kuleli qembu.

Umthombo usitshele ukuthi bekuhlelwe ukuthi abaphathi bakhe bahlangane nabeChiefs ngemuva kwalo mdlalo ukulolonga inkontileka entsha.

UZwane yena uthe uyakuqonda obekwenzeka kuNgcobo kwazise naye wayengumdlali uyalwazi usizi lokudlisela iqembu.

Buka lana okwenzekile:

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.