Isikhulu seCity kuthiwe asixolise kwiChiefs nePSL ngokukloloda kwaso

Isikhulu seCity kuthiwe asixolise kwiChiefs nePSL ngokukloloda kwaso
UJohn Comitis ongusihlalo weCape Town City
OkaDonga Gumbi

Isikhulu seCape Town City uJohn Comitis ulivumile icala lokuhudula igama lePremier Soccer League (PSL) odakeni.

Lokhu kuqinisekiswe wumshushisi wePSL uZola Majavu kuleli viki, wathi leli cala lakhe seliphothuliwe futhi uComtis usesitholile isigwebo esimfanele. 

“Ngingakuqinisekisa ukuthi uuJohn Comitis weCape Town City uvele phambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe kwiPSL ngecala lokuhudula igama layo odakeni,” kusho uMajavu. 

“Lokhu kulandela izinto azikhuluma kwabezindaba ngecala leKaizer Chiefs elalisakumahluleli ngaleso sikhathi. 

“Ulivumile icala… Ngemuva kokulalela izethulo zezinhlangothi zombili, olwePSL nolwabebemmele ikomidi libe selinquma kanje:

“Okokuqala, uhlawuliswa imali engu-R80 000 kodwa ezolengiswa yonke ngombandela wokuthi angatholakali enecala elifanayo esikhathini esingunyaka ukusuka manje. 

“Okwesibili, ube eseyalelwa ukuba abhale incwadi yesixoliso ayibhekise esigungwini esilawula iPSL neKaizer Chiefs.

FUNDA NALA: Imenenja kaMbule ithi bazosheshe bamtholele ikhaya elisha

“Okwesithathu, uyalelwe ukuba akhokhe izindleko zecala ezisazohlonzwa yiPSL bese izidlulisela kuye ukuba azikhokhe.

“Lezi zindleko kungenzeka zidlule ku-R100 000 ukunicacisela nje ukuthi kubiza kanjani ukuhlala kwaleli komidi eliqondisa ubugwegwe,” kwengeza uMajavu. 

UComitis wayecikwe yindlela iPSL ayebona itotosa ngayo iChiefs eyayiphule imithetho yayo ngokudikila imidlalo emibili yeligi ngoDisemba. 

Wayecikwe kakhulu wukuthi iPSL yabuye yathi le midlali ayibuyele enkundleni ngesikhathi kusalindwe isinqumo senkantolo. 

Iqembu lakhe lawudlala lo mdlalo walo neChiefs futhi kwalihambela kahle nengoba layishaya ngo 2-1 isekhaya eFNB Stadium. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.