Isikhulu sePirates sisakaze oweGalaxy ngempama e-Orlando

Isikhulu sePirates sisakaze oweGalaxy ngempama e-Orlando
UMInenhle Mkhize
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ilihudulela odakeni igama le-Orlando Pirates into eyenzeke ngempelasonto ngesikhathi ibhekene neTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium.

Ngemuva kwalo mdlalo kusabalale ividiyo lapho usihlalo weGalaxy uTim Sukazi ebebanjwe ngamawashingi ngonogada, bemvimbela ukuthi angeke ezindlini zokushintshela.

Akukaveli ukuthi yini ebeyenza usihlalo weqembu avinjelwe ukungena emagunjini okushintshela kuwona iqembu lakhe.

Kuthe kusanambithwa lokho ngoMsombuluko kwaphinde kwavela ukuthi uThandi Merafe, ophethe uphiko lwabezindaba kwiBucs naye ushaye uMinenhle Mkhize ongumxhumanisi weGalaxy nabezindaba, khona kulo mdlalo.

Ekhuluma kwiSSfm ngoMsombuluko, uMkhize uthe baphathwe ngendlela ebashiye bedideke kakhulu e-Orlando Stadium.

“Nami ngithole ukushaywa e-Orlando. Ngibhibizwe ngempama ngumxhumanisi wabezindaba neBucs uThandi.

“Ngithuke kakhulu futhi bengingazi ukuthi ngenzenjani,” kusho uMkhize kulolu hlelo.

“Kodwa bengingeke ngiphindisele, ikakhulukazi njengoba sibhekene nesimo esibucayi ezweni lethu sokuhlukunyezwa nokushaywa kwabesimame.

“Ngiphoxekile kakhulu ngoba lona ngumuntu ebengibukela kuyena. Kodwa-ke ungenzenjani?”

Sezike zaba khona izigameko ezifuze lezi e-Orlando Stadium phambilini. Kwake kwaba nesibhudubhudu ngesikhathi iSundowns iyodlala lapha kubangwa ukuthi ibhasi layo lingapaki ngaphakathi enkundleni.

UMkhize uthe nabo akukona okokuqala bezithola benenkinga uma beyodlala kule nkundla yeBucs.

“Komunye umdlalo wethu sise-Orlando Stadium saphathwa kabi ngendlela efanayo kodwa sakhetha ukukudlulisa lokhu.

“Kodwa kulokhu ngeke sibayeke, sizosifaka isimangalo ngokusemthethweni,” kugcizelela uMkhize.

“Ngesikhathi kunesibhudubhudu uTim wamfonela usihlalo wePirates u-Irvin Khoza, owamtshela ukuthi akangene ngaphakathi.

FUNDA NALA: Ubanjwe ngamawashingi uTim Sukazi e-Orlando kuxatshanwa

“UKhoza wabe esekhuluma nabagadayo imizuzu embalwa. Ngemuva kwalokhu onogada babuya bathi uTim ngeke akwazi ukungena ngaphakathi.

“UTim wazama nokuthinta isikhulu esiphezulu esibambile (uMato Madlala) kodwa wangakwazi ukumthola.”

IPirates ayikaze ilwethule uhlangothi lwayo mayelana nalokhu, ngakho akwaziwa okwamanje ukuthi yini eyasusa lolu thuthuva.

IBucs inomdlalo onzima womkhaya lapho izobhekana neSwallows FC eDobsonville Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *