Isikhulu seqembu lePSL sisolwa ngokusabisa ngokubulala isihlobo

IPSL isimtholile ozovala isikhala sikaBecker?
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele izindaba ezishaqisayo zesikhulu seqembu elidlala kwiPremier Soccer League esesivulelwe icala lokusabisa ngokubulala isihlobo.

UJohnny Mogaladi wePolokwane City kuthiwa wethembisa umshana wakhe ukuthi uzomusa kwagoqa nyawo ngesikhathi kunomhlangano womndeni oshubile.

Ngokubika kweSunday World ingabano phakathi kukaMogaladi nePertunia isukela emsebenzini.

UPertunia uqashwe enkampanini kaMogaladi iAfrican Building Systems nokuyilapho abangazwananga khona.

Kuthiwa babanga ukujikwa kwezikhathi zokusebenza zikaPertunia ngaphandle kokuvumelana naye.

Wabe esethatha udaba elusa enhlanganweni exazulula izingxabano zabaqashi nabasebenzi iCCMA.

Yilokho ke okuthiwa kumcike kwathi akathanqaze phansi uMogaladi waze wagcina esesabisa ngokubulala.

Kumaphepha awafake kwiCCMA uPertunia uchaze konke okwenzekile nokusatshiswa kwakhe ngokufa.

“Umsolwa kulolu daba ungumnikazi webhizinisi eliphethwe ngumndeni kanti nguye ungqoshishilizi kulo.

“Uyisihlobo sami ngokuthi welamana nomama ongizalayo kanti uphinde abe nguyise womunye wabaqondisi benkampani.

FUNDA NALA: UBarker umsabisa okwenyoka uDolly weChiefs

“NgoJanuwari kulo nyaka, wangiyalela ukuba ngisebenza ukusukela ngeSonto kuye kwiSonto.

“Bekuthi uma ngike ngaphutha emsebenzini ngempelasonto angibize ngamagama alumelayo ethi ngiyisilima esingenamsebenzi walutho.

“Usabisa ngokungiphuca imoto yenkampani bese eyalela omunye wabaqondisi ukuba ahlephule umholo wami weviki,” abefundeka kanje lamaphepha.

Ngesikhathi owayengumqeqeshi kuleli qembu uJosef Vukusic eshiya, wakuveza ukuthi akusebenzeki noMogaladi ngoba uyindlovukayiphikiswa.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.