Isikhulu seSafa eThekwini sihlaba uBroos ngokuqoka uBvuma

Isikhulu seSafa eThekwini sihlaba uBroos ngokuqoka uBvuma
UBruce Bvuma
Alfred Ngubane

UMazwi Mkhize, ongumengameli weSafa esifundeni i-Ethekwini, usehlabe indlela okuqokwa ngayo abadlali abazomela izwe kwiBafana Bafana.

UMkhize ukhalaza nje, uxhilwe kakhulu ukuqokwa kukaBruce Bvuma ongunozinti kwiKaizer Chiefs, olizwa ngendaba ijezi eqenjini lakhe.

Uthe lo nozinti akakulungele ukuqokwa njengoba engadlali, engeyena ngisho unozinti wesithathu njengoba iChiefs inonozinti abane.

“Kukhona onozinti abangadlali njalo emaqenjini abo kodwa abaqokelwa eqenjini lesizwe,” kusho uMkhize.

Lesi sikhalazo cisho akusona esikaMkhize kuphela njengoba isinqumo sikaHugo Broos sokuqoka uBvuma, sithuse abalandeli abaningi.

“Le nto ayiyinhle neze ngoba ingagcna seyisho ukuthi kukhona abadlali okungamele balilwele ijezi eqenjini lesizwe kodwa abazolithola nje ngoba bethandwa umqeqeshi.”

FUNDA NALA: UMonare akazixakile ngabasola ukuqokwa kwakhe kwiBafana

UBvuma ulibheks ngethoshi ijezi kuMakhosi njengoba phambilini bekunguDaniel Akpeyi oqala imidlalo, kanti manje sekunguBrandon Petersen.

Nokho lo nozinti uwuqalile umdlalo weChiefs ibhekene neLamontville Golden Arrows ngempelasonto edlule, wadliwa yibhola elishaywe uKnox Mutizwa ekude.

Yize abaningi besole u-Erick Mathoho ophe uMutizwa ihewa ngokumphasela ibhola, abanye bakhale nangaye uBvuma ukuthi ubephume kakhulu epalini lakhe kungenasidingo.

Uwenzile ke namanye amaphutha nokho axoleleke ngelokuthi kade agcina ukuba sezintini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.