Isikhulu seSwallows sisola ipolitiki yePSL ngokucishe badliwe yizembe

Isikhulu seSwallows sisola ipolitiki yePSL ngokucishe badliwe yizembe
UPanyaza Lesufi oyisikhulu seSwallows FC
Sbongs Gumbi

Isikhulu seSwallows FC esiphinde sibe ngumphathiswa wezemfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi, sisola ipolitiki yezikhulu zePremier Soccer League (PSL) ngokubhinjelwa kwaleli qembu yizinto.

ISwallows ilivike sekuvalwe amehlo njengoba ijike emidlalweni yokuhlunga la iphunyule ngomdlalo wokugcina i-University of Pretoria iyimise kabi.

ULesufi ukuvumile ukuthi leli qembu libe nezinkinga zemali okuyinto Impempe eyabika ngayo ngasekuqaleni kwesizini kulandela ukuduba kwabadlali ukujima.

Uthe babeyihlelele isizini basayina nabadlali ngoba bethembe ukuthi bazoba nabaxhasi kodwa iPSL yabachitha kuleyo mizamo yabo.

“Kunzima ukuphatha iqembu esigabeni sePSL uma ungenabo abaxhasi,” kusho uLesufi ongusihlalo weDube Birds kwabeSunday World.

“Sase siqede konke nabakwaTelkom futhi sesiyitholile nencwadi eqinisekisa ukuthi bazosixhasa. Okwase kusele wukuthi iPSL iphasise konke.

“Ngesikhathi sihlela izinto sasibale nale mali esasizoyithola ngoxhaso lweTelkom ngoba sasinethemba elikhulu ukuthi luzophasiswa.

“Kodwa sazithola sesigaxele empini yepolitiki yezinkunzi ezimbili zakwezokusakaza. Satshelwa ukuthi abaxhasi bePSL iDStv ngeke bakuthande lokho ngoba bayancintisana neTelkom.

“Kusangimangaza ke mina lokho namanje ngoba uma iPirates noma iChiefs bedlala imidlalo yabo iyasakazwa kwiTelkomOne.

FUNDA NALA: IPirates inunuselwa ngesihlabani seBafana esasidlala kwiSundowns phambilini

“Yileyo ke ipolitiki esazithola sesibhekene nayo nesifake odakeni olubi ngokwezemali,” kuchaza uLesufi owaba nesandla ekuvuseni iSwallows kwabafileyo.

“Le nto yasiphazamisa kakhulu futhi akuyona imfihlo ukuthi besidonda kanzima ngokwezemali. Akhona namanye amaqembu asokolayo njengathi.

“Amanye aphoqeleke ukudedela inqwaba yabadlali abahola kakhulu. Isimo besisinda kakhulu ikakhulukazi ngesikhathi nabalandeli bengavunyelwe enkundleni.

“Lena kube yisizini esifuna ukusheshe siyikhohlwe ngoba ibe nzima futhi sicishe sadliwa yizembe.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *