Isikhulu sithi bazojeza abahlulwa umsebenzi okwenza iBafana ingajimi

Isikhulu sisabisa abahlulwa umsebenzi okwenza iBafana ingajimi
UTebogo Motlanthe weSafa

 

Isikhulu esiphezulu seSafa uTebogo Motlanthe sithi sizolusukumela udaba lokungajimi kweBafana Bafana ngosuku lokuqala lwekhempu yayo.

Le khempu yeBafana kwakumele iqale ngoMsombuluko womhla ka-19 kuSepthemba kodwa yafica inkundla ingalungisiwe eDobsonville Stadium.

Lokhu kwamkhuba emoyeni umqeqeshi weBafana uHugo Broos owakuveza ukungenami kwakhe ngalokhu athi kumphuca isikhathi sokuba nabadlali ayebaqokile.

Manje isikhulu esiphezulu sithi uma kungukuthi iBafana yagcina ingajimanga ngampela, lokho kusho ukuthi kukhona owehlulwa wumsebenzi wakhe nokumele aphendule ngalokho.

“Njengoba wazi, benginga[phandle kwakuleli,” kusho uMotlanthe kwabeSABCSport ngempelasonto. Uthe uthole imibiko engafani esekuhambeni.

“Ngizfuan imibiko egcwele ngoba ngesikhathi ngingekho ngizwe okuphikisanayo. Ngatshelwa ukuthi iqembu lajima kodwa kwabezindaba ngathola ukuthi alijimanga.

“Yingakho ngizofuna imibilo ephelele bese kuthi ngoMsombuluko ngiyobe sengisesimweni esifanele ukwazi kahle ngokwenzeka.

“Futhi uma kunezinyathelo okufuneka zithathwe ngoba kubalulekile ukuthi zithathwe ukuqinisekisa ukuthi into efana nalena ayiphindi.

“Lokho kubaluleke kakhulu. Yingakho ngithi uma sengithole umbiko ophelele, ngizothatha izinyathelo ezifanele ngoba ngeke siye phambili kanjalo.

FUNDA NALA: Usephenduke undabamlonyeni uNdabayithethwa Ndlondlo

“Okokuqala nje, sinomsebenzi omqoka wokunika umqeqeshi lonke usizo aludingayo. Okwesibili, sifuna ukuba nohlelo oluhlelekile lokuphatha.

“Ngeke ngijabule ukuhola inhlangano engahlelekile, ehluleka ukwenza izinto ezilula nezibalulekile. Ngakho, njengoba bengishilo siphelile isikhathi sokuthi abantu benze amaphutha bese kuphela kanjalo.

“Uma kukhona okungahambanga kahle kuzoba nomthelela walokho futhi sizochaza emphakathini ukuthi kwenzakalani,” kuchaza uMotlanthe.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *