Isikuphindile lokho iChippa imisa uLentjies ekuqeqesheni iqembu

Isikuphindile lokho iChippa imisa uLentjies ekuqeqesheni iqembu
UKurt Lentjies obeqeqesha futhi edlala kwiChippa United ngesizini edlule
Sbongs Gumbi

Isizini ayikaqali nokuqala kodwa iChippa United seyikususile lokho edume ngakho – kulokhu imise uKurt Lentjies okuphele isizini edlule esengumqeqeshi wayo.

Leli qembu lase-Eastern Cape laziwa ngokungacucuzi uma kuziwa ekuxosheni abaqeqeshi kanti nakuLentjies kubukeka selikhalile izembe.

“Lesi sitatimende esokunazisa ukuthi iChippa United isesohlelweni lokuhlonza ozovala isikhala sokuqeqesha iqembu,” kusho isitatimende esikhihswe yiChilli Boys ngoLwesihlanu ekuseni.

“Kusukela kwahamba umqeqeshi uGavin Hunt, iqembu alizange lisivale isikhala ngokuthola umqeqeshi ozosebenza ngokugcwele.

“Kulesi sikhathi bekubambe uKurt Lentjies ongumdlali. Njengoba ke sisabheka okuzokwenzeka ngalo msebenzi ukusuka manje, ukuze sikwenze kahle konke sesinqume ukumumisa uLentjies.

“Kusobala ke ukuthi naye uLentjies uzibhekile kulesi sikhundla. Iqembu lizokwenza isimemezelo uma isinqumo sesithathiwe ngokuzokwenziwa ukuya phambili,” kusho lesi sitatimende.

FUNDA NALA: OweSundowns ucebisa uKhune ngokujaha ukuyoba ngumqeqeshi

Lesi sitatimende sizwakala singamnika ithemba uLentjies ukuthi angase awunikwe ngokugcwele lo msebenzi njengoba engenzanga kabi ngesikhathi ebambile.

ULentjies uthathe izintambo ngoNovemba ka-2021 ngemuva kokuba kumiswe uHunt kulandela imiphumela engemihle.

UHunt wagcina exoshiwe, wahlala izinyangana engasebenzi ndawo njengoba kuze kwathi ngoLwesine wethulwa yiSuperSport United ukuthi isimqashile.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.