Isilele isibili iRoyal AM ngemuva kokuthwahlaza iSuperSport

Isilele isibili iRoyal AM ngemuva kokuthwahlaza iSuperSport
OkaDonga Gumbi

Isithwihlize yathwahlaza yaze yabuyela endaweni yesibili wkiDstv Premiership iRoyal AM. Leli qembu laseMgungundlovu ligxume lasusa iKaizer Chiefs kungakapheli nosuku ingenile kule ndawo.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iRoyal AM ishaye iSuperSport United ngo 2-0 emdlalweni obuseLucas Moripe Stadium ngeSonto ntambama.

IChiefs nayo beyisuse i-Orlando Pirates kule ndawo ngemuva kokushaya iBaroka FC ngo 1-0 ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mdlalo uqale kucaca ukuthi akuncengwene futhi amaphuzu ngeke kucazelwane ngawo lwagcina lugobe kwiSuperSport uphonde.

Igoli lokuqala leMaMkhize Boys lishaywe uMxolisi Macuphu ngomzuzu wesishayagalolunye umdlalo uqalile, kwacaca lapho ke ukuthi akuncengenwe.

FUNDA NALA: Usinde kukubi edunwa imoto unozinti weTS Galaxy

ISuperSport ilitholile ithuba lokulinganisa ngesikhathi ibekelwa iphenathi kungakapheli nomzuzu iRoyal AM ikorile,  uPatrick Nyame wayivimba le phenathi eshaywe uJamie Webber.

Ngesiwombe sesibili iRoyal AM nayo ibekelwe iphenathi ngomzuzu k? kulandela ukuthi uGuily Manziba ewise umdlali weThwihli Thwahla ebhokisini.

UVictor Letsoalo ube eseliphambanisa nonozinti uRonewen Williams ongukaputeni wakhe kwiBafana Bafana ukubeka iRoyal AM ebuhleni.

 editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.