Isililo ngokushona kukanompempe wePSL

UShaun Olive

OKADONGA GUMBI

Sekushone obengumsizi wonompempe kuleli, uShaun Olive ngemuva kokuba sengozini yemoto eGoli ngoLwesine ebusuku.

Lezi zindaba ezibuhlungu ziqinisekiswe yiSafa, ithi ubengeniswe esibhedlela esesimweni esibucayi, ukufa kwamenela ngoMgqibelo ekuseni.

“Sidangele njengoba sazisa abantu abathanda ibhola kuleli ngokushona kukaShaun Olive obengumsizi wonompempe ngaphansi kweSafa neFifa.

“UShaun ulimale kanzima ngemuva kokuba sengozini yemoto eMondeor ngoLwesine ebusuku, wabe eseshona namuhla ekuseni,” kusho iSafa esitatimendeni sayo.

Ophethe ithimba elibhekelele ukusebenza konompempe kwiSafa, uNatasha Tsichlas, naye ubhonge emswaneni nyokudlula kuka-Olive emhlabeni.

“Sidlulisa ukuzwelana kwethu nomndeni kaShaun, ingoduso yakhe, abangani nonompempe bonke njengoba sisazama ukwamukela lesi simo sokushlna kwakhe ngokuzuma.

“Siyathandaza ukuthi bathole ukuthobeka amanxeba bathole nokuthula kusukela namuhla kuya phambili,” kusho uTsikchlas.

“Sizomkhumbula ngokuhlale esemuzweni wenjabulo kwakhe. Ubekhombisa ukukhula okumangalisayo emsebenzini wakhe,” kuphetha uTsichlas.

Nomengameli weSafa, uDanny Jordaan udlulise amazwi enduduzo emndenini ka-Olive, ethi akulahlekelwe wona wodwa, kodwa i-Afrika yonkana.

“Sishaqekile njengenhlangano eyengamele ibhola kuleli. Sithathelwe insizwa esencane ebisiqala ukukhula emsebenzini wayo. UShaun ubengomunye wonompempe abasebancane abeza kahle kulo mkhakha, ukufa kwakhe kulilimaze kakhulu izwe lethu, izwekazi nomhlaba wonke jikelele,” kusho uJordaan.

Nempempe ikhalisana nomndeni wakhe, sinabo ngokwezinhliziyo njengoba bebhekene nalesi simo. Enga begathobeka, baduduzeke naye aphumule kahle.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.