Isilobizela ukwengeza iNedbank Cup ezicocweni zayo iPirates

Ukaputeni we-Orlando Pirates, uHappy Jele ufuna babuyise umfutho ababenawo kwiMTN8

OKADONGA GUMBI

Ukuwina iMTN8 kwe-Orlando Pirates kuvuselele ulobi wezindebe kanti manje seyifuna ukwengeza emxhakeni wayo ngeNedbank Cup, ngokusho kukakaputeni weqembu, uHappy Jele.

Bese kuphele iminyaka eyisithupha lezi zinkunzi zaseSoweto zagcina ukuqukula indebe ngesikhathi ziphumelela kwiWafa-Wafa ngoDisemba.

Nokho uma ubheka ifomu yakamuva yeBucs, kunzinyana ukuyibona iqukula le ndebe. Kodwa uJele uthe bazobuyisa lo muzwa nomfutho abebenawo ngasekuqaleni kwesizini okubenze ompetha beMTN8.

IBucs izoqala umkhankaso wayo kwiKe Yona ngoMgqibelo neqembu elidlala kwiGladAfrica Championship, Uthongathi FC e-Orlando Stadium ngo 5 ntambama.

ICane Cutters ifana nencwadi ebhalwe ngesiShayina kwiPirates njengoba kukuncane abakwaziyo ngaleli qembu laKwaZulu-Natal.

Cishe kodwa iyazi ukuthi yilo uThongathi olwakhiqiza uPule Mmodi obukise ngabo emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili eshaya amagoli amabili awinise iLamontville Golden Arrows ngo 2-0.

“Kunzima ukudlala neqembu eningalazi kahle,” kusho uJele kuleli viki. “Kodwa ke asizikhetheli vele ukuthi sidlala nobani, thina nje kumele sizilungiselele kahle,” kusho lesi sotobha esineminyaka engu-34, esizalwa eMiddelburg, eMpumalanga.

Kuzomele izibambe ziqine iBucs njengoba iCane Cutters izofuna ukuba yiqembu lokuqala leChampionship eliqumba phansi elePremiership kulo mqhudelwano.

“Sesiqalile vele ukubahlaziya futhi ngethemba ukuthi usuku lomdlalo luzofika sesibalungele ngokugcwele,” kuchaza uJele okwisizini yakhe ka-15 kwiPirates.

“Wonke umdlali olapha eqenjini uzimisele ngokudlala. Akusho lutho ukuthi kuzodlala bani, sonke sizimisele ngendlela eyinqaba.

“Indlela esasilungiselela ngayo iMTN8 yayiyinhle kakhulu futhi manje sesinomdlalo wendebe… Nakanjani sifuna ukuwuwina nawo ukuze sizibeke ethubeni lokuhamba size siyodla isicoco,” kusho uJele.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.