Isincengela umdlalo weSudan ngabadlali iBafana

UThulani Serero noKeagan Dolly

OKADONGA GUMBI
Sekuvele ukuthi iBafana Bafana ayikalilahli ithemba ngabadlali bamaqembu aphesheya kwezilwandle abanqatshelwe ukuza kuleli ngezizathu ezihambelana nokudlanga kwegciwane leCodlvid-19 eNingizimu Afrika.
Kubadlali abaphesheya, nguPercy Tau weBrighton and Albion Hove kuphela onikwe imvume yokuhamba yiqembu lakhe.
Nalokho kukholakala ukuthi kwenzeke ngoba leli qembu lingamsebenzisi kakhulu ngakho ngeke lilimale kangako uma kungadingeka azivalele izinsuku ezingu-14 uma esebuyela e-England.
OBongani Zungu, Thulani Serero, Keagan Dolly noDean Furman namanje akukacaci ukuthi bazotholakala yini.
Nokho iBafana seyibadelile ukuthi bangakwazi ukuba yingxenye yeqembu elizodlala neGhana emdlalweni wokuhlunga kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) eFNB Stadium ngoLwesine.
Ngemuva kwalo mdlalo, iBafana izolibangisa eKhartoum la iyobhekana khona neSudan emdlalweni wayo wokugcina kuGroup C.

BUKA: Onozinti beBafana Bafana bezilolonga

IBafana isendaweni yesibili kuleli qoqo kodwa iyalingana neGhana ngamaphuzu ayisiyishiyagalolunye.
Leli qembu likaNtseki selidinga nje ukuwina owodwa, idlale ngokulingana kokunye wale midlalo esele ukuze lingene kwi-AFCON ezoba seCameroon.
“Sisaxoxisana bamaqembu wabo ukuzama ukuthi babadedele. Uma inkinga kuwukudlanga kweCovid-19 eNingizimu Afrika, ngabe ngeke bakwazi ukusijoyina eSudan?,” usho kanje umqeqeshi weBafana, uMolefi Ntseki ngoMsombuluko.
“Uma kuwukuthi inkinga yindaba yeCovid e-Afrika yonkana, kuyacaca ngeke sibathole laba badlali,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Ngaphezu kwalaba badlali okungakacaci namanje ngabo, iBafana izodlala ngaphandle kukaBradley Grobler weSuperSport United noKermit Erasmus weMamelodi Sundowns abalimele.
Khonamanjalo, sekwengezwe ngoThabiso Kutumela weMaritzburg United, Vincent Pule noThabang Monare be-Orlando Pirates, Thabo Nodada weCape Town City, Lebogang Manor noMothobi Mvala beSundowns eqenjini leBafana.
Nokho nakubo laba oPule noKutumela basazohlolwa njengoba benokuthinteka abakuthole emidlaweni yamaqembu abo ngempelasonto.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.