Isinde ngokulambisa iSundowns iCity imuka nayo

Isinde ngokulambisa iSundowns iCity imuka nayo
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

ICape Town City cishe yiqembu lokuqala ukwenza iMamelodi Sundowns ukuthi igcine ilwela ukuthi ingehlulwa kunokufuna ukuwina. 

ICity ivuke indlobane yakhombisa iSundowns ukuthi yiyo inkunzi eCape Town Stadium kulo mdlalo weDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa.

Indlela edlale ngayo iCity ngisho umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi uvumile ukuthi ukuthola iphuzu nokungangenelwa goli kube yinto enhle.

ICity ayizange iyincenge iSundowns futhi icishe yaba yiqembu lokuqala ukushaya iSundowns kule sizini.

ISundowns ayikahlulwa futhi nangesizini edlule yaphozwa yiKaizer Chiefs  kuphela.

Isahlezi phezulu futhi isenamaphuzu amahlanu evule ngawo igebe kwiStellenbosch FC ebanjwe AmaZulu FC ngawo uMgqibelo.

Isiwombe sokuqala asizange sishise ngendlela obekulindeleke ngayo njengoba womabili lamaqembu abezigadile.

Kucacile ukuthi zidlala imilala ngamacebo okudlala obekwenza lingabi khona elikhona ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

ISundowns iqhubekile nokufuna ukudlala ngendlela yayo yokuqala iminyakazo isuka emuva.

ICity beyivale kahle emuva kodwa igxume ihlale ihlasele ngokushesha uma ithola ibhola.

FUNDA NALA: IGhana FA ikhwele yadilika kwiSafa ngolwephenathi yodumo

Isiwombe sesibili siqale ngegiya eliphansi kungathi yikhathi zifundana lezi zinkunzi.

Kodwa umdlalo ubuye wajika njengoba iCity iqalile yaqaqeka kwayiyo ehlasela iphindelela.

ICitizens yakhe amathuba amahle ebingakwazi ukuthi iphoxe ngawo iSundowns ukube iwasebenzisile.

Kukhona nala iSundowns beyiphulwa uDenis Onyango iCity seyiyicwilise emanzini abilayo.

Nokho kuye kwacaca ngasekupheleni komdlalo ukuthi womabili awayenankinga nokuthi agcine ethole iphuzu kulo mdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.