Isinqumo sikamehluleli sivune iChiefs, izobuyela enkundleni imidlalo

Isinqumo sikamehluleli sivune iChiefs, izobuyela enkundleni imidlalo?
Intatheli yeMpempe

Sekuvele ukuthi umehluleli weSafa uJaji Nazeer Cassim usekhiphe isinqumo esivuna iKaizer Chiefs ngodaba lwemidlalo engakwazanga ukuyidlala ngoDisemba.

Amakhosi abelifake kumehluleli lolu daba lwawo ngoba efuna lusheshe luxazululeke, kanti lesi sinqumo sizoyifaka enkiyankiyeni iPSL.

Nokho yayikuvezile ukuthi isinqumo sikamehluleli sizoba ngujuqu futhi ngeke isiphikise. Yathi yona iyothatha izinyathelo uma liyichithile iChiefs.

Manje njengoba seliyidlile nje iPSL kuyacaca ukuthi le midlalo emibili iChiefs engakwazanga ukuyidlala ngoba ihlaselwe yiCovid-19, izobuyela enkundleni.

Ukuba liyilahlile icala la maqembu okwakumele idlale nawo – iCape Town City neLamontville Golden Arrows – abezothola amaphuzu amathathu mahhala.

I-PSL kulindeleke imemezele lesi sinqumo ngokuhamba kosuku ngoLwesihlanu noma ngempelasonto.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.