Isiphenduke iskorokoro iChiefs ehluleka ukuwina sekubuye abalandeli

Isiphenduke iskorokoro iChiefs ehluleka ukuwina sekubuye abalandeli
OkaDonga Gumbi

Isivele yafana nemoto eyiskorokoro iKaizer Chiefs njengoba ivele ibukise ngabo abalandeli bayo kusukela bavunyelwa ukubuyela ezinkundleni.

IChiefs isaboliswe ngenduku kuyo yomine imidlalo eyidlale kusuka kwavulelwa abalandeli ukuthi babuyele ezinkundleni.

Cishe manje sekuyisikhathi sokuthi nabaphathi beqembu bayisukumele le ndaba yayo ngoba seyiqala ukuba yihlazo elibi.

IChiefs iphinde yatholwa induku ngoMgqibelo ntambama ibhekene neCape Town City eFNB Stadium emdlalweni eyayingakwazanga ukuwudlala ngoDisemba.

ICity yiyo esheshe yangena egiyeni kulo mdlalo futhi negoli ilithole sekufanele kulandela iminyakazo yayo emihle yokuhlasela.

Bekungumzuzu ka-15 ngesikhathi uDaniel Cardoso eshaya ifambu, uthe uzama ukuphasela unozinti uBrando Petersen ibhola ngekhanda, akangalinemba kahle.

Libe selificwa uCraig Martin kuqala, waliphambanisa noPetersen obesethi uyaphuma uyozama ukulihlangabeza.

FUNDA NALA: UNcikazi uyazihumela nje ngokufuna kunqindwe iSundowns amandla, kusho uRulani

Leli goli libonakale liyivusa iChiefs, yakhumbula ukuthi ingazithola isehlazweni elibi uma ingaphinde ithole induku isekhaya.

Izamile ukuhlanganisa iminyakazo yokuhlasela kodwa ibukeke iphelelwa amacebo uma seyisondela emapalini eCity.

ICity yona beyisikhululekile, isizihlalele emuva bese ihlasela ngokuzuma futhi kucishe kwayisiza lokhu ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.

Nokho uMduduzi Mdantsane uhlulekile ukulibamba kahle ibhola abeligotshelwe ngakwesokunxele, labaleka layophuma ngaphandle.

ICity ilitholile igoli lesibili ebilifuna ngomzuzu ka-60 kulandela ukuthi izitobha zeChiefs ziyeke uTerrence Mashego azingenele yedwa ebhokisini.

Lo mdlali ugudle nebhola wabhekana ngqo nonozinti wabe eselikhipha phakathi kwemilenze lase liyonamathela enethini.

UDumisani Zuma, ongene ngasekupheleni kwesiwombe sesibili, nguye otholele iChiefs igoli lokubika ekhaya eNaturena ukuthi cha kulokhu iyile eFNB Stadium ukuyodlala lo mdlalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.