Isiqinise ithimba lonozinti iChiefs iqasha uMathibe

U-Aubrey Mathibe noKaizer Motaung Junior
OkaDonga Gumbi 

IKaizer Chiefs seyimemezele ukuqashwa kuka-Aubrey Mathibe owayengunozinti kuleli qembu kudala.

UMathibe uqashelwe ukuzolekelelana noLee Baxter, oyindodana kamqeqeshi uStuart Baxter, ekucijeni onozinti kuleli qembu.  

“IKaizer Chiefs ikujabulele ukwemukela owayengunozinti wethu u-Aubrey Tlali Mathibe kuMakhosi,” sisho kanje isitatimende seqembu.

“Ubuya esengumqeqeshi wonozinti ozosebenza ezinkulisa zeqembu naseqenjini elikhulu.”

UMathibe ubekwiSwallows phambilini lapho onconywa khona umsebenzi walhe wokuvundulula onozinti abasebancane abanekhono.

“Ngijabule ukubuyela kwiKaizer Choefs futhi ngiyabonga emndenini waMakhosi ngokungamukela uma sengibuya,” kusho uMathibe.  

“Ngesikhathi ngilana okokuqala ngangingumdlali futhi ngasijabulela isikhathi sami lapha. Manje sengiqala ikhasi elisha eqenjini.

“Ukuba ngumqeqeshi kwehlukile kunokuba ngumdlali. Sengikujahile ukuqala umsebenzi ngisizane nabanye onozinti lapha.  

“Ngicabanga ukuthi ngizobasiza ngolwazi engiluthole kule minyaka engu-21 ngisebholeni. Sengijahile ukuqala umsebenzi.” 

FUNDA NALA: UMbule umisiwe kwiSuperSport osekucaca akaseneme kuyo

UMathibe uzoqhubeka nomsebenzi wokuhlwaya onozinti kuzo zonke izigaba zeqembu nakhona kwiChiefs bese abuye asize nasekubacijeni.   

“Angicabangi ukuthi kuzoba lula. Kodwa kuhle ngoba yithuba lokuthi ngihlwaye ithalente lonozinti khona la eNingizimu Afrika ngoba kule minyaka eyishumi edlule sibe nenkinga yonozinti ikakhulukazi kwiBafana.

“Ngangingunozinti ngakho ngiyakwazi okudingekayo futhi ngizozikhandla ukwenza lokho okubhekwe kimi.”

Ngokusebenzisaba noLee Baxter, uthe: “Ngiyakuthokozela ukusebenza naye ngoba unamava ezingeni lamazwe ngamazwe.

“Ngizomsiza ngokumfundisa izindlela zakuleli zokwenza izinto, naye angifundise ezaphesheya,” kusho uMathibe.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.