Isisondele inkanyezi kwiChiefs ezodlala owamanqamu kwiCAF

Isisondele inkanyezi kwiChiefs ezodlala owamanqamu kwiCAF
USamir Nurkovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs seyizodlala owamanqamu kwiCAF Champions League. Leli qembu laseNaturena eliqale lo mqhudelwano kungabhekwe lutho kulo, selizigilile izimanga laze lafika kowamanqamu.

IChiefs kungenzeka idlale ne-Al Ahly kaPitso Mosimane kowamanqamu ngemuva kokududulela eceleni iWydad Athletic yaseMorocco esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

Okokuqala iChiefs ifika yenza kahle kulo mqhudelwano eminyakeni engaphezu kuka-50 leli qembu lasungulwa. Lingene sekuvalwe umoya nokho njengoba belithwele uthawela kunomoya kwiWydad ebifuna ukuyiphoxela ekhaya njengoba nayo yenza kuyo.

IChiefs yazibeka endaweni enhle ngesikhathi ishaya iWydad ekuhambeni ngempelasonto edlule. Ikhombisile ukuthi icebo layo lokuvala thaqa emuva bese ihlasela ngokuzuma iyakwazi ukulisebenzisa njengoba iphinde yahlala kuwo naseFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.

Akukho iWydad engakuzamanga kodwa yathola ukuthi isikhiye okuvalwe ngaso odongeni lwasemuva lweChiefs sithathwe satshingwa olwandle. IWydad iwatholile amathuba amahle, ikakhulukazi esiwombeni sesibili kodwa yadlala ngawo.

NeChiefs beyikhombisa ukuba yingozi uma kuthuke kwenzeka ihlasela. Beyigadla ngoSamir Nurkovic kuphela kulo mdlalo. Lo mgadli nguye owashaya igoli eliweze Amakhosi eCasablanca.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.