Isitobha esinamava esigajwe kwiPirates sesizama inhlanhla kwiSwallows

Isitobha esinamava esigajwe kwiPirates usezama inhlanhla kwiSwallows
Sbongs Gumbi

Isitobha ebesigijima kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule kodwa sagajwa ekupheleni kwayo, sesidlulele komakhelwane iSwallows FC lapho sizama khona inhlanhla.

UKwanda Mngonyama uhlale isizini eyodwa kwiPirates wabe esededelwa njengoba ehlulekile wukungena eqenjini eliqala imidlalo.

Ngaphezu kwalokho iPirates ivele isayinise izitobha ezimbili ezisezingeni elingcono, uTapelo Xoki noNkosinathi Sibisi, ukuvala isikhala sakhe nesikaNtsikelelo Nyauza. 

Laba ababibili bengeza phezu kukaHappy Jele no-Olisa Ndah endaweni yasemuva maphakathi nenkundla kuleli qembu laseSoweto.  

“UKwanda ukwiSwallows futhi selokhu ejima nabo kusukela bebuyile ekhefini bezoqala amalungiselelo esizini entsha,” kusho umthombo ocele singalidaluli igama lawo.

“Kodwa ke kungenzeka kuthathe isikhathi ukuthi asayine ngoba iqembu lisematasa ngezinye izinto kanti alikabadedeli nabahambayo.  

FUNDA NALA: Kuminciwe ngalimele kwiBanyana enomdlalo onzima esigabeni somkhumulajezi

“Lisalinde nokubona ukuthi yibaphi abadlali elizobathola kulabo ebelibolekwe bona ngesizini edlule, bese kuba yima lizobheka ke kulaba abazicija nalo. 

“Nokho kubukeka kuzomlungela uKwanda ngoba unamava ekubeni iSwallows beyivele ingeyinhle kahle emuva, cishe bazomthatha yena.  

“Amava akhe ayamsebenzela kodwa ke sesobona sekwenzeka. Baningi ke nabanye abazamayo laphayana kodwa ngizokwazisa uma ngizwa ngomunye onegama,” kusho lo mthombo.    

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.