Isiwajikele kwiligi amehlo i-Arrows exhoshwe wuSuthu kwiNedbank Cup

UNtsako Makhubela weGolden Arrows ophume ngekhadi elibomvu bedlala ngomkhaya AmaZulu FC

MTHOKOZISI MNCUSENI

Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi ufunde lukhulu ngabadlali bakhe yize bewashiswe ijezi kwiNedbank Cup ngomkhaya babo emdlaweni obekubukeka bewuphethe

UNcikazi ukuphawule lokhu ngemuva kokuwashiswa ijezi AmaZulu ngo 5-4 sekukhahlelewa amaphenathi emdlawnei we-last 32 weNedbank Cup obuphele ngo 1-1 ngesikhathi esejwayelekile ngoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eThekwini.

I-Arrows iwuphathe umdlalo zisuka futhi kucaca ukuthi iyona iqembu elingcono kwaze kwaba uBenni McCarthy wenza izinguquko ezishintshe isiwombe sesibili.

Inkundla ibivulwe uMichael Gumede esiwombeni sokuqala ephiwa ithuba elilula nguKnox Mutizwa kodwa usuyophela umdlalo uLehlohonolo Majoro ushaye elokulinganisa.

I-Arrows iqede lo mdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaNtsako Makhubela ngoba ekhononda ngephutha ebelenziwe unondweba ongunontandakubukwa uVictor Gomes.

“Ngiphoxekile ngenxa yomphumela kodwa hhayi ngendlela esidlale ngayo lapha,” usho kanje uNcikazi ngemuva komdlalo.

“Akukho sikhathi lapho bekubukeka khona sengathi sisenkingeni kuwona wonke umdlalo. Ngiphoxekile ukuthi ngeke sisaqhubeka neNedbank Cup kodwa akukhona ukuthi sihluliwe ngomdlalo.

“Mhlawumbe bekudaliwe noma bekuyithuba labo ukuthi badlulele phambili bese thina sifaka awethu amangwevu kwiligi,” kuqhuba uNcikazi.

Lo mqeqeshi umile ekutheni indlela abadlale ngayo bekumele umphumela uvune bona.

“Kuzona zombili iziwombe bekufanele sithole umphumela omuhle. Mhlawumbe lokhu kufanele kube isifundo sokuthi ukuphatha ibhola kufanele kugcine ngokuthi silifake enethini ngoba akukhokheli kukodwa.

“Asizange sishaye into ephansi lapha kodwa siphikwe umphumela. Bekuwumdlalo wendebe ngempela lo. Inkinga iqale sebeshaya igoli. Kusukela lapho akuzange kusafana kithi.

“Bonke ubuhlungu abafana ababuzwayo manje kufanele ngisebenze ngokuzikhandla ukubenza babukhohlwe. Lo mphumela awusho lutho uma uzobheka ukuthi sishaywe kumaphenathi futhi besiqala ukushayelwa enkudleni yethu.

“Konke okwenzeke namuhla akufanele kwenze abadlali badikibale kepha kufanele bafunde. Ngeke sibe iqembu elibhedayo ngenxa yomphumela owodwa nawo emaphenathini,” kusho uNcikazi othe sebezobheka kwiDStv Premiership manje hhayi okunye.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

One thought on “Isiwajikele kwiligi amehlo i-Arrows exhoshwe wuSuthu kwiNedbank Cup”

Leave a Reply

Your email address will not be published.