Isiyamxhila eyezinkinga zokulimala kukaTau umqeqeshi weBafana

Isiyamxhila eyezinkinga zokulimala kukaTau umqeqeshi weBafana
UPercy Tau
OkaDonga Gumbi

Isiqala ukumxhila umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos indaba yokulimala njalo kukaPercy Tau.

Kuyacaca ukuthi uTau ngomunye wabadlali abamqoka kuye futhi uBroos abebheke ukwakhela phezu kwabo iqembu lakhe.

Nokho izinkinga zokulimala aziphezi kulo mdlali we-Al Ahly njengoba nakulokhu esehoxisiwe kwiBafana indawo yakhe yathathwa nguVictor Letsoalo weRoyal AM.

IBafana izogadulisana neGuinea neFrance emidlalweni yokungcwekisana ngempelasonto okuyiwa kuyo.

“Silokhu sibhekana nezinkinga ngoTau kusukela ngoSepthemba,”  usho kanje uBroos ngoMsombuluko.

“Walimala kwi-Al Ahly (ngonyaka odlule) yingakho ayengekho lapha (kwiBafana) kule midlalo emibili (yokuhlungela iNdebe yoMhlaba) sibhekene ne-Ethiopia.

“Kwathi uma esebuya sibhekene neZimbabwe neGhana, wayengekho fithi ngokugcwele, wahamba eselimele kanti nakhu namanje uselimele futhi. Ngithemba ukuthi kuzophela lokhu.

“Ungumdlali obaluleke kakhulu kithi, manje senginokwesaba ukuthi nangoJuni kuzobe kusenenkinga ngaye.”

IBafana iqala imidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations ka-2023 ngoJuni okuyimidlalo ebalulekile.

“Ngiyethemba nokho ngeke kube njalo kodwa okwamanje usazohlala amaviki engadlali njengoba enenkinga yedolo, akuzona izindaba ezinhle kithi lezo,”  kuchaza lo mqeqeshi weBafana.

UBroos ube eseveza ukuthi bekungamjabulisa yena ukuba uTau ubenganikwa ithuba lokuphumula kahle ngoba ukholwa wukuthi uyagqilazeka.

FUNDA NALA: Icashaza elibi kumaProteas ethola induku okokuqala kwiNdebe yoMhlaba

“Akungithusi (ukuthi ulimala njalo). NgoJuni ngesikhathi eya kwi-Al Ahly (esuka kwiBrighton and Hove Albion yase-England) akazange abe nesikhathi esanele sokuzicija.

“Ubengadlali njalo kwaze kwaba uzodlala le midlalo emibili lapha kithi (sibhekene neZimbabwe neGhana) nakhona engakalulami ngokugcwele.

“Wabe eseqala ethola indawo kwi-Al Ahly, walimala. Bekungaba kuhle kuTau ukuthi ake ajime nje izinyanga eziyisithupha kodwa engadlali.

“Lokhu kungenxa yokuthi akekho fithi ngendlela efanele. Njalo uma edlala uyagqilazeka bese elimala kalula. Udlala imidlalo eminingi kakhulu… yingakho elimala kalula nje,”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.