Isiyazwela kuMcCarthy induku etholwa wuSuthu kule sizini

Isiyazwela kuMcCarthy induku etholwa wuSuthu kule sizini
Sihle Ndlovu

Uvuma ukuthi kube yisizini embi umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi Usuthu lushaywe yiRaja Casablanca  ngo 2-0 emdlalweni weCAF Champions League, eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.

“Asibanga nesizini enhle kusukela ekuqaleni sizilungiselela. Ayiqalanga ngendlela ebengifuna ngayo, ikakhulukazi abadlali ebengibafuna,” kusho uBenni.

“Uyazama ukuthi iqembu eliqede endaweni yesibili ngesizini edlule, liphinde lenze lokho. Nokho kunzima uma bengekho abadlali abasha abazokusiza ukuthi wenze lokho.”

Lo mqeqeshi useke wakusho ukuthi kukhona abadlali abebafuna kodwa isimo sangavuma ekuqaleni kwesizini.

“Uma uqala kabi ngeke kube yisizini elula. Kimina nje kube yinto ehluke kakhulu kunalokho ebesicabanga ukuthi singakuzuza,” kusho uBenni.

“Lokhu kushaywa kwanamuhla kuvele kwenza ingcindezi yaba nkulu kunakuqala. Manje sisesimeni sokuthi umdlalo wokugcina weChampions League kumele nakanjani siwuwine, bese sithembe nokuthi eminye imiphumela izosivumela.”

FUNDA NALA: IChiefs ivunwe yisinqumo sikamehluleli ngemidlalo engayidlalanga

AmaZulu awenzi kahle kwiDStv Premiership, futhi uBenni uyavuma ukuthi bayabhacaza.

“Kwiligi sidunguzela lapho sikhona futhi sizama ukubambelela kwiTop 8. Nokho ngithemba ukuthi abadlali bakhulile nokuthi bayawuthanda umsebenzi abawenzayo.

“Nginethemba elikhulu lokuthi bazolwa emidlalweni esele kuze be yisekupheleni kwesizini. Njengoba kusele imidlalo eyisikhombisa kukhulu okusengenzeka.”

AmaZulu azobuyela emidlalweni yasekhaya ngokubhekana neBaroka FC ngo-Ephreli 6.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.