Isizini yeDStv Premiership izovulwa wompetha iSundowns noSuthu

Isizini yeDStv Premiership izovulwa wompetha iSundowns noSuthu
UThemba Zwane weMamelosi Sundowns noXola Mlambo waMaZulu FC
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Isizini entsha yeDStv Premiership ka-2021/22, izoqala ngo-Agasti 20 ngomdlalo okulindeleke ukuthi ushube.

Kuzobhekana ompetha bangesizini edlule iMamelodi Sundowns neqembu elilale isibili AmaZulu FC eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu luka-Agasti 20.

Ngo-Agasti 21 (ngoMgqibelo) kuzotholana phezulu i-Orlando Pirates neStellenbasch FC e-Orlando Stadium, ngo-3 ntambama.

Omakoti iSekhukhune United bazokwamukela iChippa United, ejike emidlalweni yokuhlunga, eMakhulong Stadium ngo-3 ntambama.

Kowomkhaya iLamontville Golden Arrows izovakashelwa yiMaritburg United, eSugar Ray Xulu Stadium, ngaye u-3 ntambama.

Ngo-Agasti 22 (ngeSonto) iSwallows FC izobhekana neBloemfontein Celtic, eDobsonville Stadium, ngo-3 ntambama. Ngalo iSonto iTS Galaxy izobhekana neKaizer Chiefs, eMbombela Stadium, ngo-5 ntambama.

KwiGladAfrica Championship, ushikishi luzoqala ngo-Agasti 21. Umdlalo ozobhekwa ngabomvu owomkhaya phakathi kweBlack Leopards nePolokwane City eThohoyandou Stadium, ngo-3 ntambama.

IRoyal AM, ebilokhu ibanjezelwe yicala eyalifaka kuphela isizini, elingakapheli, izovakashelwa yiCape Town All Stars, eChatsworth Stadium, ngo-3 ntambama.

Uthongathi FC luzobhekana neHungry Lions FC, esanda kukhuphukela kwiChampionship, eSivos Training Centre Stadium, ngawo uMgqibelo.

NgeSonto (Agasti 22) umdlalo omkhulu ophakathi kweJomo Cosmos neRichards Bay, eTsakane Stadium , ngo-3 ntambama.

Isizini ka-2021/22 kwiMTN8 yona izoqalwa ngempelasonto ka-Agasti 14/15. Umdlalo oyobe ubhekwe ngabomvu ngaleyo mpelasonto ophakathi kweSundowns neChiefs.

IPremier Soccer League (PSL) isazoyithumela imininingwane ephelele mayelana nemidlalo yeMTN8, nezinkundla ezodlalelwa kuzo.

Nokho kusangenzeka zijike izinto isizini ingaqali ngalezi zikhathi esezikhishiwe kwazise kusenecala leRoyal AM esalihamba ezinkantolo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.