Isizolwela amaphuzu amane iChiefs kwesele kwiCAF

USiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI
Amathuba eKaizer Chiefs okuphuma esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League awasekho mahle kulandela ukubambana ngo 0-0 ne-Athletic Petro De Luanda yase-Angola ngoLwesibili.
Amakhosi asesendaweni yesithathu eqoqweni lawo ngamaphuzu amahlanu, kanti asalelwe yimidlalo emibili. Ayalingana neHoroya Athletic Club yaseGuinea engenhla kwabo ngenxa yesibalo samagoli esingcono.
IHoroya nayo ibanjwe yiWydad Athletic yaseMorocco ngo 0-0 ngawo uLwesibili. Lokhu kubeke iChiefs endaweni ethanda ukuba yimbana, njengoba manje amathuba abo asezoncika nakweminye imiphumela.
Sekumele nakanjani ayishaye iWydad abazobhekana nayo eFNB Stadium ngo-Ephreli 2, bese bephinde bawine noma badlale ngokulingana ekuhambeni neHoroya. Kokubili lokhu kunzima ukukufeza.
Nokho uma iPetro ingabenzela ufefe ishaye iHoroya ngo-Ephreli 2, isisindo somthwalo weChiefs singehla. Nokho ke lokho akulula kwenzeke njengoba iPetro iyisaka lokujima la amaqembu kaGroup C ezitamuzela khona wonke.
Kodwa umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt ubona kungenzeka lokhu bese bedlulela esigabeni esilandelayo, okungaba yinto enhle kakhulu kuleli qembu elimanxebanxeba yizinsizi zale sizini.
“Kumele siwine owodwa, sidlale ngokulingana komunye, lokho kungasibeka ethubeni elihle lokudlulela phambili,” kusho uHunt ngemuva komdlalo wangoLwesibili.
“Sizobhekana neWydad, bese kuba yiHoroya ekuhambeni okuzoba ngumdlalo onzima kakhulu. Kodwa (okuhle) wukuthi usewodwa umdlalo esingenzanga kahle kuwo (la abashaywa khona yiWydad).
“Ngicabanga ukuthi sisenze ngendlela egculisayo uma ubheka imiphumela,” kucacisa uHunt.
Okumnika ithemba uHunt ukuthi bazodlala le midlalo emibili yokugcina esigabeni samaqoqo sebeke bathola ithuba lokudonsa umoya njengoba kunemidlalo yeFifa ngeviki elizayo.
“Ngiphoxekile, lokho ngeke ngikufihle, kodwa kumele ubheke nesimo nezinto ezithile. Ngicabanga ukuthi senze kahle, futhi sesiside isikhathi sidonsa.
“Manje sekumele sidlule kule mpelasonto ezayo bese sihlaba ikhefu. Lizosisiza kakhulu ukubuyisa amandla, sesiyabona manje ukuthi sekukhona ukukhathala kwemiqondo ngenxa yokuphithana kwemidlalo.”
IChiefs inomdlalo onzima nezimbangi zayo ezindala, i-Orlando Pirates kwiDStv Premiership ngeSonto ntambama eFNB Stadium ngaphambi kwaleli khefu esilijahile.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.