Isizoxhasa inkundla enomlando yaseThekwini iHollywoodbets

Isizoxhasa inkundla enomlando yaseThekwini iHollywoodbets
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

IHollywoodbets ijika izinto kwezemidlalo njengoba ilokhu ikhula ngamandla kunjalo ekuxhaseni kwayo kulo mkhakhakuleli.

Umthombo weMpempe usihlebele ukuthi lesi sikhondlakhondla senkampani sesingabaxhasi abasha benkundla yebhola lombhoxo iKings Park Rugby Stadium eThekwini.

Le nkundla kudala ishintsha abaxhasi kumanje kuphuma abakwaJohnson njengoba sekungena iHollywoodbets nje.

NgoMsombuluko kuzoba nesithangamu sabezindaba lapho iHollywoodbets izothulwa ngokusemthethweni ngabaphathi beCell C Sharks.

Kuzokhumbuleka ukuthi iHollywoodbets isixhase namaqembu amaningi njengoba baxhase iKZN Dolphins nePhantane Athletics Club.

Lokhu kukhombisa ukuthi le nkampani yezokubhejela ezemidlalo izimisele ukufaka isandla kwezemidlalo.

Nakuba bukhona ubudlelwano kwiHollywoodbets namaSharks kodwa kuthiwa izikhulu zaleli qembu zihleka zodwa ngenkontileka eziyisayinile nale nkampani.

Nokho akukacaci ukuthi kuzoba iminyaka emingaki nokuthi ngabe yimalini abayisayinele ngalesi sivumelwano.

Konke lokhu sekuyoocaca kahle ngoMsombuluko, ngokusho kwalo mthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.