Isizwe wusinga lukaMakaringe iPirates iwola amaphuzu, iSwallows ithole induku okokuqala

Abadlali be-Orlando Pirates, oLinda Mntambo, Fortune Makaringe noHappy Jele

OKADONGA GUMBI

Kube wumnyakazo kaFortune Makaringe ovele wavukwa wusinga, wavundla nenkundla ehudula izotobha zeBloemfontein Celtic kwaze kwaba usendaweni ekahle, wadedela ishodi azwe ngoba sekuhaza inethi emva kwakhe uJackson Mabokgwane ukuthi sekubhedile.

Yilo leli goli elingene ngomzuzu ka-62 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili elisize i-Orlando Pirates iqoqe amaphuzu agcwele. Igxume yeqa iSwallows yangena endaweni yesithathu njengoba isinamaphuzu angu-32 ngemuva kwemidlalo engu-19.

ISwallows yona ithole induku okokuqala kwiPremiership ngawo uLwesibili njengoba ijikelwe yiTS Galaxy ebiyihola phambili, yabuya yashaya amagoli amabili, umdlalo waphela ngo 2-1 kuwina iRockets.

IDube Birds ihambe phambili ngemuva kokuthi uRuzaigh Gamaldien evalele phakathi iphenathi, kodwa izinkakha zeGalaxy oLindokuhle Mbatha noBevan Fransman baqinisekisa ukuthi amaphuzu alala ngakubo ngamagoli abawashaye sekubalwa imizuzu umdlalo uphele.

KowePirates, kube yiyo ekhombisile ukuthi isekhaya njengoba ihlasele zisuka kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium. UKabelo Dlamini unikwe ibhola elihle nguVincent Pule ngomzuzu ka-25 kodwa izotobha zeCeltic zamvalela ekopini wagcina engakwazanga ukukhahlela ipali.

Emizuzwini embalwa ukusuka lapho, uMabokgwane wenze omuhle umsebenzi evimba ibhola likaSiphesihle Ndlovu abeluvuthulule engaphakathi ebhokisini leCeltic.

Kuthe sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini, uNdumiso Mabena wakhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uLinda Mntambo kungenasidingo nokho kwazise ubengeyona ingozi futhi ekude namapali.

Ngomzuzu wokuqala esiwombeni sesibili, uPule udedele ugesi weshodi eqedela umnyakazo omuhle weBucs kodwa ibhola lakhe laceza, laphuma eceleni.

UVictor Letsoalo nguye othole ithuba lokuqala elicacile leCeltic ngomzuzu ka-50, edlula ngehubo kuThulani Hlatshwayo kodwa uRichard Ofori wakwazi ukulivimba ibhola elivuthayo lalo mgadli.

ULucky Baloyi bekumele akore ngomzuzu ka-58, ezithola esebhekene ngqo no-Ofori ngemuva komnyakazo omuhle weCeltic oluhlakaze kalula udonga lwasemuva lweBucs, kodwa unozinti walivimba lelo bhola.

Ngomzuzu ka-62, uFortune Makaringe uvele wavukwa amadlingozi wahudula izotobha ezintathu zeCeltic wavundla nazo nenkundla, wabe esededela ishodi kwaba ngu 1-0.

ICeltic ayizange izibeke phansi ngemuva nokungenela yigoli kodwa ibe seyivutheleka kakhulu, yaqala yahlasela ilandelela futhi kuneziqubu ezimbalwa la icishe yakora khona.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.