‘Isosha’ leTshakhuma selifuna ukuqeqesha iChiefs, iPirates noma iBafana

'Isosha' leTshakhuma selifuna ukuqeqesha iChiefs, iPirates noma iBafana
ULucky Nelukau
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila osanda kuba sematheni ngokudlubha umfaniswano wamasosha uma kudlala iqembu lakhe, uthi engagxuma uma engabizwa yizinkunzi zaseSoweto.

ULucky Nelukau usezakhele igama ngendlela yakhe yokugqoka ehlukile nangokuvele aphahluke akhulume noma yini efika ekhanda lakhe.

Kuthe ebuzwa yizintatheli ngekusasa lakhe kulandela ukuhlenga leli qembu ezembeni ngempelasonto, wathi yena akayi ndawo usazoqhubeka kwiTTM.

Nokho ukuvezile ukuthi into engamenza alishiye leli qembu wukuthi abizwe yiKaizer Chiefs noma yi-Orlando Pirates njengoba bengenabo abaqeqeshi njengamanje.

“Sesiphumile ezembeni, Bengingeke ngikholwe uma sidliwa yizembe ngoba siphethe abadllai abafanelwe wukudlala kwiPremiership lana nengoba ubona nje.

FUNDA NALA: IChiefs seyihoxile empini yayo nePSL ngemidlalo engayidlalanga ngoDisemba

“Ngibonga uMdali ngokuba nathi, nokubona ukuthi laba bafana abakufanele ukuyodlala kwi-ABC (Motsepe League),” kusho lo mqeqeshi.

“Sizozama ukuhlanganisa iqembu elizovele liye ngqo kwiPremiership ngesizini ezayo. Ngeke siphumule, sizoqhubeka sihlunge abadlali esizoqinisa ngabo.

“Ngifuna singene kwiPremiership ngesizini ezayo… uma kuzobe kuseyimi umqeqeshi, nakanjani siya kwiPremiership.

“Ngisenguye umqeqeshi njengamanje. Kodwa mhlawumbe kuzofika iChiefs, iPirates noma abeqembu lesizwe bazongithatha, kwazi bani?”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.