ISouth Africa A ithumele umlayezo ngebhola lombhoxo kuleli kwiLions

ISouth Africa A ithumele umlayezo ngebhola lombhoxo kuleli kwiLions
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

ISouth Africa A ikhombise iBritish & Irish Lions ukuthi ibhola lombhoxo yinto yaseMzansi ngesikhathi ishaya izivakashi ngo 17-13 emdlalweni weTest eCape Town Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Iqembu lakuleli lidlale kahle kakhulu esiwombeni sokuqala lingawanike thuba amaBhubesi. Bekuthi noma ezama ukuhlasela alithole luqine ngqi udonga lwabafana bakuleli abebeholwa uLukhonya Am njengokaputeni.

ISouth Africa A iyona ebeke amaphuzu kuqala ebhodini ngonyawo lukaMorne Steyn, oshaye iphenathi ngomzuzu wesihlanu. Ngemuva kwalokho iNingizimu Afrika ibisivutha bhe nobekuphoqa iLions ukuthi yenze amaphutha.

Akumangazanga ngesikhathi uS’bu Nkosi eshaya itry ngomzuzu ka-13 kulandela ukuphendula ukuvimba emuva kube ukuhlasela kweSouth Africa A.

Izamile ukubuya iLions yashaya iphenathi ngomzuzu ka-28 kwaba ngu 10-3. Nokho abafana bakuleli bakuphindile lokho ukaputeni u-Am eshaya itry yesibili ngomzuzu ka-32.

Ziye ekhefini kungu 17-3 kodwa iLions ibisikhombisa ukuba yingozi, ihlasela iphindelela. Ngesiwombe sesibili iSouth Africa A iqale inabadlali ababili abebengaphandle ngenxa yamakhadi aphuzi. Lokhu kuholele ekutheni iLions ithole itry ngomzuzu ka-44 eze noWyn Jones. Ibuyile futhi iLions yashaya iphenathi kwaba ngu 17-13.

Isiwombe sesibili besihluke kakhulu kunesokuqala ngoba amaBhubesi abesehlasela kakhulu. Lokhu kucaciswe ukuthi awekho amaphuzu atholwe yiqembu lakuleli kulesi siwombe ngoba beliphoqeka ukuhlala emuva liphunga izivakashi.

FUNDA NALA: Usola utshwala ngokuqeda ikusasa le nqwaba yabadlali kwiPSL owayedlala kwiChiefs

Nokho kumele bashayelwe ihlombe abadlali bakuleli ngokuvala ngci emuva yize iLions ibilokhu ihlasela kwaze kwaba sekupheleni komdlalo.

Ngesonto elizayo (Julayi 24) iLions izodlala namaBhokobhoko emdlalweni wokuqala kule elindelwe ngabomvu. Kunethemba lokuthi le midlalo ngeke igcine ibhuntshile ngenxa yeCoronavirus elokhu ihlasele ekhempini yamaBhokobhoko.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.