ISri Lanka ithumele umlayezo oshubile evulela isibhaxu kumaProteas

ISri Lanka athumele umlayezo oshubile evulela isibhaxu kumaProteas
Abadlali bamaProteas
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Azifakele ingcindezi amaProteas kulandela ukuthelwa othulini iSri Lanka ngama-run angu-14 emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa eR. Premadasa eColombo.

ISri-Lanka isihamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa.

UKaputeni weSri-Lanka uDasun Shanaka uwine ithosi wabe eseqoka ukubhetha kuqala. Osokhaya badlale incwenga yekhilikithi behlanganisa ama-run angu-300 kuma-over angu-50 sekuwe amawikhethi ayisishagalolunye.

U-Avishka Fernando nguye obeyiphela endlebeni kumaProteas njengoba eshaye ama-run angu-118 emabholeni angu-115.
Ulandelwe uCharith Asalanka oshaye ama-run angu-72 emabholeni angu-68 abanye benze ama-run angaphansi kuka-50.
Amawikhethi amaProteas athathwe u-Aiden Markram noTebraiz Shamsi. UKagiso Rabada noKeshav Maharaj bathathe amabili ngokulandela.
FUNDA NALA: IPirates ibalwa emaqenjini ashela uCavin Johnson
EzikaBoucher zizamile ukujaha isibalo sama-run angu-300 esenziwe yiSri-Lanka kepha kwanhlanga zimuka nomoya.
U-Aiden Markram  noRassie van der Dussen kepha bangakuthola ukwesekwa okwanele. AmaProteas azothola ithuba lokuqinisa amabhowodi ngoMgqibelo emdlalweni wesibili wosuku olulodwa.
Iqembu lasekhaya libheke ukwenza kahle kwilogi yemidlalo yosuku olulodwa njengoba lifuna ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa ezoba se-India ngo-2023.
Umdalo wesibili uzoba ngoMgqibelo ngo-11 ekuseni khona enkundleni efanayo nala kubukiswe khona ngamaProteas.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.